Copyright, Voice Of God Recordings

Transcription

Copyright, Voice Of God Recordings
UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU
1
UNkulunkulu Onamandla
Wembulwe Phambi Kwethu
` NginemiBhalo embalwa ebhalwe phansi engizothanda
ukukhuluma kini kuyo, futhi ngethemba ukuthi
uNkulunkulu uzobusisa imizamo yethu ebuthakathaka. Manje,
abantu abaningi umangele ukuthi yini sibe yinqaba kangaka
futhi sibe nomsindo kangaka. Niyazi, lolu wuhlobo lohlobo
olwehlukile
lwe_lwengqungquthela
kunalolo
abantu
a_abavamise ukulubona; futhi ngokwejwayelekile yonke into
iwuhlobo
lwesimo
esiphelele.
Kodwa
uma
siza
kulezizingqungquthela (osekube yinhlanhla yami manje
iminyaka eminingana selokhu zaqala ukuqalwa), cishe sisuke
singazi ukuthi sizokwenzenjani, sivele nje size futhi sizinikele.
Yileyonto kuphela esikwazi ukuyenza. Bese uNkulunkulu enza
konke. Ngakho lokho kusenza abantu abaziphatha
ngokungejwayelekile impela.
Ngeliny’ilanga omunye wathi, “Uyazi, nina-bantu
ngempela ni_niyinqaba.”
Ngase ngithi, “Awu, nge_ngethemba ukuthi siyiyo.”
Futhi
ngiyayikhumbula
enye
yezingqungquthela.
UMfowethu
Troy
wayengitshela
ngesinye
isikhathi
ngeJalimane elincane elathi lemukela umBhaphathizo kaMoya
oNgcwele. Futhi ngakusasa esitolo, lapho elalisebenza khona,
laliphakamisa izandla zalo, futhi lidumise iNkosi, futhi
likhulume ngezilimi, futhi nje liqhubeka okumangalisayo.
Futhi ekugcineni, ubasi wafika wayesethi, “Heinie, yin’indaba
kuwe na?”
Lathi, “O, sengisindisiwe.” Lathi, “Inhliziyo yami nje
iphuphuma injabulo.”
Wathi, “Awu, ufanele ukuthi ubusezansi nalesosixheke
samanadi ezansi lapho.”
Lathi, “Yebo! Udumo kuNkulunkulu!” lathi, “Ayibongwe
iNkosi ngamanadi.” Lathi_lathi, “Awuthathe imoto wehle
ngomgwaqo.” Lathi, “Ukhiphe onke amanadi kuyo,
awusenalutho kepha isixheke se ‘nto engasenamsebenzi’.”
Futhi lokho nje_nje kuthi akube yiqiniso, uyazi.
Ngeliny’ilanga eCalifornia, ngangehla ngemigwaqo kaLos
Angeles, ngase ngibona indoda inesayini esifubeni sayo
nalapha; futhi kwakuthi, “Ngiyisiwula sikaKristu.” Futhi
wonke
umuntu
wayeyibuka,
futhi
ngabaqaphelisisa
bephenduka bayibuke seyedlulile. Futhi ngacabanga ukuthi
2
IZWI ELIKHULUNYIWE
ngizobalandela bonke. Futhi e_emhlane wayo yathi, “Wena
uyisiwula sikabani na?” Ngethemba ukuthi sonke siluhlobo
oluyinqaba komunye, niyazi. Kodwa, niyazi, izwe lingena
esiseleni esinje, kuze kuthi into ehlukile yenze kube yinqaba
kakhulu, abantu aze acabange ukuthi ku_kukhona
okungahambi kahle. Futhi ngokwejwayelekile uNkulunkulu
wenza into engejwayelekile kakhulu ukuthola abantu babuyele
eBhayibhelini futhi.
Sengathi ngiyambona uNowa wayeluhlobo lwe_lwenadi
kulowonyaka wesayense ayephila kuwo, ngoba babe_
ngafakazisa ukuthi kwakungekho-manzi ezibhakabhakeni.
Kodwa uNkulunkulu wathi ayobakhona lapho, ngakho uNowa
eshumayela futhi ekukholwa lokho, uphenduka inadi. Futhi
sengathi ngiyambona uMose ngenkathi ehla engena eGibhithe,
wayewuhlobo lwe_lwenadi kuFaro; kodwa khumbulani, uFaro
wayeyinadi kuye futhi. Ngakho ba^Siyakuqonda lokho.
Ngisho noJesu wayethathwa njengokholwa okuphambene
nokukholwa okuyikho. Kunjalo. UMartin Luther wayeyinadi
ebandleni eliKatolika, noJohn Wesley wayeyinadi kwiSheshi.
Ngakho niyazi, sekuthi akube yisikhathi selinye inadi;
anicabangi kanjalo na? Kodwa ngaphambi kokuba kubekhona
inadi, niyazi, kuzofanele kube nebhawodi kuqala ukulikulufela
kulo. Ngakho niyazi, uNowa eyinadi, u^Uthatha inadi,
lidonsa ibhawodi_lidonsa okuthize likuhlanganise futhi
libambe okuthize likuhlanganise. Ngakho uNowa wakwazi
ukudonsa wonke lowo owayezokholwa amfake emkhunjini
aphume ezahlulelweni ngokuba yinadi.
Sithola ukuthi uMose wadonsa iBandla walikhipha
eGibhithe ngokuba yinadi. Kunjalo. Ngicabanga ukuthi
sidinga inadi manje ukudonsa uMlobokazi aphume ebandleni.
Sidinga okuthile manje, elinye.
Ngakho siluhlobo lwabantu abayinqaba ngempela. Futhi
ngicabangile kulobubusuku, uma iNkosi ithandile, ngizozama
ukufunda imiBhalo ethize eqondene nalokhu, futhi
ngikhulume nani imizuzwana embalwa nje, futhi ngizame
ukunikhombisa ukuthi yingani singabantu abayinqaba kanje.
Asiphenyeni emiBhalweni manje kwabaseFiliphu isahluko
2, 1 nele 8, nabaseKorinte II 3:6; futhi asifunde, njengoba
silikholwa, iZwi likaNkulunkulu. Futhi manje, ngaphambi nje
kokuba sifunde, asikhothamise amakhanda ethu ukuba
sikhuleke.
Baba
waseZulwini
onomusa,
impela
singabantu
abanenhlanhla kulobubusuku ukuba siphile kulonyaka,
nokubona izinto esizibona zenzeka, nokwazi ukuthi isikhathi
sesisondele eduze lapho uJesu ezofikela iBandla laKhe. O,
lokho kuyazixhuxhumisa izinhliziyo zethu, Nkosi.
UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU
3
Futhi njengoba siphenqa amakhasi kulobubusuku,
siyakhuleka ukuthi Uzosipha ingqikithi kuletekisi; futhi
sengathi uMoya oNgcwele ungembula ezinhliziyweni zethu
izinto ezingabazinhle futhi zithokozise kuNkulunkulu. Lokho
sikucela eGameni likaJesu. Ameni.
Niyazi, ngikholwa ukuthi ngizonicela ukuba nenze
okuthize. Ngi_ngivamise ukucela izinto ezixakile, futhi
ngethemba ukuthi angiceli-lutho oluxake kakhulu. Kodwa
uma sethembisa ukuthobela ifulege, sonke siyama; ne_
nefulege ledlule, siyama_okufanele sikwenze; futhi simela
ukuba sishaye isaluthe. Asime nje ngezinyawo zethu sisafunda
iZwi, uma nithanda. KwabaseKorinte II 3:6:
O^senzileyo sibe namandla okuba yizikhonzi
zesivumelwano esisha; singesiso esegama, kodwa
esikamoya: ngokuba igama liyabulala, kodwa umoya
uyaphilisa.
Kepha
uma_Kepha
uma
inkonzo
yokufa,
enamagama aqoshwa ematsheni, yafika inenkazimulo,
ngangokuba
abantwana
bakwaIsrayeli
babengenakubuka
ubuso
bukaMose
ngenxa
yenkazimulo
yobuso
bakhe;
inkazimulo
eyayingephelayo:
Pho inkazimulo kamoya ayiyikuba nenkazimulo
kakhulu kunayo na?
Ngokuba uma inkonzo yokulahlwa ibikhazimula,
kakhulu inkonzo yokulunga inenkazimulo enkulu
kakhulu.
Ngokuba
nalokho
okwakhazimuliswayo
kwakungenankazimulo ngalokhu, uma kulinganiswa
nenkazimulo lena edluleleyo.
Ngokuba uma lokho obekuzakuphela kwabanenkazimulo, kanjani noma_ikakhulu okumiyo njalo
kunenkazimulo.
Ngakho-ke lokhu sinethemba elinjalo, sinesibindi
sonke.
Asenzi njengoMose, owamboza ubuso bakhe
ngendwangu,
ukuze
abantwana
bakwaIsrayeli
bangabuki ukugcina kwalokho okwakuzakuphela:
Kodwa ingqondo yabo yaba-lukhuni: ngokuba kuze
kube-sosukwini
lwanamuhla
nxa
kufundwa
isivumelwano
esidala;
leyondwangu
isahlezi
ingambuliwe ngokuba iyapheliswa kuKristu.
Yebo kuze kube-namuhla, nxa kufundwa uMose,
indwangu isayimbozile inhliziyo yabo.
4
IZWI ELIKHULUNYIWE
Kepha nxa iphendulelwa
eNkosini, indwangu
iyakususwa.
Qha^INkosi inguye uMoya: kepha lapho uMoya
weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.
Kepha thina sonke, sibuka ngobuso obambuliwe
inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni, ukuguqulwa
sibe-njengalowomfanekiso sivame sande njalonjalo
ukukazimula, njengalokhu kumi ngoMoya weNkosi.
NakwabaseFiliphu 2, sifunda lokhu (siqale ngelo 1 futhi
sifunde siye evesini 8):
Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKristu, uma
kukhona
ukududuzeka
kothando,^kukhona
inhlangano kaMoya, uma kukhona isisa sesihawu,
Gcwalisani ukuthokoza kwami, ukuba nibenomqondo munye, ninothando lunye, ni-nhliziyonye,
futhi^niqonde into yinye.
Ningenzi-lutho ngombango nangodumo lwezwe;
kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu
kunani.
Yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo
nalowo abheke nokwabanye.
Mawube-kini lomqondo, owawukhona nakuKristu
Jesu:
Owathi, enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi
kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu:
Kodwa wazidela, ethatha isimo senceku, enziwe
ngomfanekiso womuntu:
Wathi efunyenwe enjengomuntu, wazithoba, elalela
kwaze kwaba sekufeni, yebo ekufeni kwesiphambano.
Asikhuleke.
Baba
waseZulwini,
leliZwi
elikhulu
eselifundiwe kulobubusuku emBhalweni waKho ongcwele,
Lenze libe yilo ngempela kuzo izinhliziyo zethu, ukuthi
sizosuka lapha njengalabo ababesuka e Emawuse, bethi,
“Izinhliziyo zethu bezingavuthi yini phakathi kwethu lapho
Ekhuluma kithi endleleni,” lokhu sikucela eGameni likaJesu.
Ameni. (Ningahlala phansi.)
Manje, leli yitekisi eliyinqaba kabi, kodwa ngicabanga
ukuthi lifanelana impela nomkhosi. Bengifuna ukukhuluma
ngodaba oluthi, UNkulunkulu Onamandla Wembulwe Phambi
Kwethu.
Manje, selokhu kubekhona umuntu, bekukhona ukulamba
enhliziyweni yomuntu ukuthola ukuthi wavelaphi, nokuthi
siyini isizathu sakhe sokuba lapha, nokuthi uyaphi. Munye
kuphela ongaphendula lokho; lowo yiLowo owamletha lapha.
Futhi umuntu ubelokhu njalo efuna ukubona uNkulunkulu.
UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU
5
Emuva eTestamenteni eliDala sithola ukuthi uNkulunkulu
Wazimboza kwabangakholwayo. UNkulunkulu unendlela
eyinqaba
kabi
yokuphathelana
nabantu.
Uyazifihla
kongakholwayo Azembule kokholwayo. UNkulunkulu wenza
lokho. UJesu wambonga uBaba ukuthi Wayezifihlile lezizinto
kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda futhi akwembulele
izingane zona eziyofunda. Ngakho siyathola ukuthi
uNkulunkulu akaguquki neze emvelweni yaKhe, futhi Uhlala
njalo enza umsebenzi waKhe ngokufanayo. Siyathola
kuMalaki 3, ukuthi Wathi, “NginguNkulunkulu aNgiguquki.”
Ngakho Usebenza ngesimiso esifanayo ngaso sonke isikhathi.
Manje, sithatha enye yeziNcwadi ezindala kunazo zonke
zeBhayibheli. Ngenkathi uJobe, omunye wendoda elunge
kakhulu kunawo onke osukwini lwakhe, indoda ephelele
emithethweni
kaNkulunkulu_inceku,
edumile,
inceku
ehloniphekile_kwaze kwathi ngisho noNkulunkulu wathi,
“Akekho onjengaye emhlabeni”^Kodwa isifiso sakhe
ngesinye isikhathi, ukubona uNkulunkulu^Wazi ukuthi
kwakukhona uNkulunkulu, futhi wazizwa ethanda ukuMbona,
noma kungenjalo, aye endlini yaKhe angqongqoze emnyango,
futhi athi, “Ngithanda ukukhuluma naWe,” ahlale phansi,
axoxe naYe, njengoba nathi besingenza komunye nomunye.
Sinokuqonda. Yingakho sikulezizingqungquthela, lapho esifike
khona sihlangane ndawonye futhi_futhi siveze imicabango
yethu; futhi_futhi siyaqondana omunye nomunye kangcono
uma sixoxisana ngezinto nomunye nomunye. Nabefundisi
bayakwenza lokho. Abantu abaphuma kuyo yonke indima
yempilo bayakwenza, sixoxisane ngezinto.
NoJobe^UNkulunkulu wayenguye ngempela ngempela
kuye,
wayefuna
ukuthola
ukuthi
angeye
yini
ukuyongqongqoza emnyango waKhe futhi_futhi abe ne_
nengxoxiswano naYe. Kodwa siyathola ukuthi uNkulunkulu
wakhuluma naye, kodwa Wayemboziwe. Wayembozwe
esimweni sesivunguvungu. Futhi Watshela uJobe ukuba
abophe izinkalo zakhe; Wayezokhuluma naye njengendoda.
Futhi wehla esesivunguvungwini futhi_futhi wakhuluma
noJobe. Futhi Waziwa kuJobe ngesivunguvungu, nokho
akazange aMbone ngempela. Wayezwa nje umoya uvunguza
futhi
ujikajika
ezihlahleni;
nePhimbo
laphuma
esivunguvungwini,
kodwa
uNkulunkulu
wayembozwe
yisivunguvungu.
Sithola ezansi eAfrika (eNingizimu Afrika) basebenzisa
igama Umoya, okuchaza, “amandla angabonakali.” Futhi
lamandla angabonakali esivunguvungwini ayenephimbo
elizwakalayo. Lakhuluma kwezwakala kuJobe, nokho
akazange asibone isimo saKhe; kodwa Wayemboziwe kuye
ngesivunguvungu. Sithola omunye wabaprofethi abakhulu
beBhayibheli, uMose, weTestamente eliDala, omunye
6
IZWI ELIKHULUNYIWE
wabakhethiwe
bakaNkulunkulu,
baqokwa,
izinceku
ezamiselwa ngaphambili, naye futhi wafisa ukuMbona.
Wayekade esondele kakhulu kuYe futhi kade ebone izinto
eziningi kakhulu zesandla saKhe esikhulu, esiyinkinga sihamba
phambi kwakhe futhi senza izinto ezingenziwa nguNkulunkulu
kuphela. Wafisa ukuMbona ngeliny’ilanga, futhi uNkulunkulu
wamtshela, “Hamba ume phezu kwedwala.”
Futhi esamile phezu kwedwala, uMose waMbona edlula.
Wabona umhlane waKhe. Futhi wathi, “Kwakubukeka
njengomuntu,” umhlane womuntu. Nokho akaMbonanga
uNkulunkulu; kuphela wayebone iveli kaNkulunkulu.
IBhayibheli lathi, “Akakho oke wabona uNkulunkulu
nanini, kodwa yilowo Ozelwe nguBaba uMbonakalisile.”
Ngakho uMose waMbona embozwe njengomuntu.
Futhi sithola ukuthi uJehova weTestamente eliDala
wayenguJesu nje weTestamente eliSha. Futhi_futhi uDr.
Scofield lapha, sithola ukuthi igama lakhe ukuguquka kusuka
esimweni, sithola igama en morphe ngesiGreki, okuchaza
“okungabonwayo kwenziwa kwabonakala.” Into engeke^
Siyazi ukuthi kukhona. Kunga_kungebonwe, kepha nokho,
siyazi ukuthi kukhona. Futhi ngenkathi Eguqula isimo saKhe
sika en morphe,
okuchaza ukuthi Waguquka esuka
kokwaphezulu waya kokwemvelo^futhi nje Wavele
waguqula isifihla-buso saKhe.
Futhi ngokunye, kunjengomdlalo wasesiteji; Wayedlala.
Nge_ngesiGreki lapho beshintsha isifihla-buso sabo,
mhlawumbe oyedwa adlale_umdlali oyedwa wayengahle
ukuba udlale ezingxenyeni eziningana ezehlukene. Futhi
indodakazi yami (ekhona lapha)^Bake babanawo esikoleni
esiphakeme, u_umdlalo wasesiteji. Futhi ba_umfana oyedwa,
engangimazi, wadlala cishe izingxenye ezine, kodwa wayeya
emva kwesiteji futhi ashintshe isifihla-buso sakhe_sakhe
ukuze aphume alingise esinye isimilo.
Manje, uma uzothatha iziprofetho zeTestamente eliDala
ezimayelana
nalokho
uMesiya
ayezoba
yikho,
ungakuqhathanisa nempilo kaJesu, futhi usukuthole ngempela
ukuthi uJesu wayengubani. Wayengesuye nje umuntu
ojwayelekile; WayenguNkulunkulu, u en morphe. Waguqulwa
esuka_esuka kokwaphezulu wangena esimweni semvelo
yomuntu; nokho WayenguNkulunkulu ebonakaliswe enyameni,
embozwe ngomuntu, iveli yenyama. Futhi qaphela iTestamente
eliDala.
Ngi_ngi_ngiyazi
ukuthi
ngikhuluma
kwizethameli
ezixubene kulobubusuku ukusukela ezingxenyeni ezehlukene
zezwe. Futhi silapha ukuba sithole: se_senzani na? Si_
siyini^Sifinyelela kuphi na? Kwenzekani na? Kusho ukuthini
konke lokhu na?
UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU
7
Futhi manje, siyathola phakathi lapha ukuthi uma wena
ndoda eyiJuda nabesifazane^norabi e_e_ethempelini,
emihleni eyedlula, uma babeqaphele iBhayibheli, iziprofetho,
esikhundleni
samasiko,
babeyomqonda
ukuthi
uJesu
wayengubani.
Babengasoze
baMbize
ngoBelzebule;
babengasoze baMbethela. Kodwa konke kwakufanele kudlale;
leyo yingxenye yomdlalo wasesiteji. Futhi babephuphuthekile
kulendaba.
Kunjengabaningi
benu
silisa
nabesifazane
lapha
kulobubusuku, mhlawumbe enisebangeni lami lobudala noma
nibadadlana. Niyakhumbula lapha eMelika iminyaka eyedlula
phambi_amaShayina (mfowethu avele aqamba lapha, lokho
kufika emqondweni wami ngenkathi ngikhuluma nalo), ukuthi
ayevamise kanjani uku^Ayengakwazi ukukhuluma isiNgisi,
futhi a_ayenelondolo. Futhi uye elondolo lalo ukuba
wenzelwe ilondolo yakho. U_umwashi oyiShayina wayethatha
isilengiso futhi asidabule ngendlela ethize. Wawuthatha
ingxenye eyodwa yesilengiso; yena athathe enye ingxenye.
Kodwa uma usubuya ukuzolanda izimpahla zakho,
lezoziqephu
ezimbili
zephepha
zazifanele
zihlangane
okwesisila sejuba. Futhi uma zazingahlangani okwesisila
sejuba kube yizo impela nje (wawungeke usifanise noma
ngayiphi indlela, ngoba lalinesiqephu esisodwa nawe
unesinye) futhi uma sifanisekile^Khona-ke wawuba
nelungelo lokubiza lokho okwakungokwakho. Bese-ke,
usunakho okungokwakho uma wawunayo enye ingxenye
yesivumelwano.
Kunjalo nakulobubusuku uma sinayo enye ingxenye
yesivumelwano. Ngenkathi uNkulunkulu edabula iNdodana
yaKhe kabili eKhalvari, wakhuphula umzimba ukuba ube
ngumhlatshelo, wase ethumela uMoya phansi kithi, owake
waphila kumuntu, uJesu (yena lowoNkulunkulu usevelini
kulobubusuku esimweni sikaMoya oNgcwele), lezoziqephu
ezimbili
sifanele
zihlangane;
khona-ke
usuyingxenye
yesivumelwano. UNkulunkulu wakwenza lokhu ukuba azeke
kangcono kumuntu, ngenkathi Ezenza umuntu qobo lwaKhe.
Ngangifunda indaba eminyakeni ethize eyedlula, futhi
kulendaba
kwathi
enkulu,
inkosi
edumileyo^
Ngiyalikhohlwa igama layo njengamanje. Bengingacabangi
ngokukhuluma ngendaba. Mhlampe kwakuyinganekwane,
kodwa i_isiholela ephuzwini elisinika isendlalelo salokho
esifuna ukukusho.
Lenkosi,
yayiyinkosi
edumileyo
ngempela
futhi
ingumthandi omkhulu wezikhonzi zayo, kwaze kwathi
ngeliny’ilanga phambi komqaphi wayo_wayo nabomuzi
wenkosi yathi, “Namhlanje ningibona okokugcina iminyaka
eminingi.”
8
IZWI ELIKHULUNYIWE
Nomqaphi wayo nabadumileyo bayo bathi kuyo, “Nkosi
enhle, ukusho ngani lokho na? Ngabe uzoya kwe_kwelinye
izwe ndawo ndawo ukuba ube ngumfokazi na?”
Yathi, “Qhabo, ngihlezi khona lapha. Yebo,” yathi,
“Ngiyaphuma ngiya phakathi kwezikhonzi zami. Ngizoba
ngumuntukazana.
Ngizogenca
izingodo
nomgawuli
wezingodo. Ngizolima umhlabathi nesisebenzi. Ngizothena
imivini nalabo abathena imivini. Ngizoba ngomunye wabo
ukuze ngikwazi kangcono lokho abakwenzayo. Futhi
ngiyabathanda, futhi ngifuna ukubazi kakhulu siqu sami.
Abazukungazi, kepha nokho, ngifuna ukwazana nabo
ngaleyondlela.”
Futhi ngokusa okulandelayo ngesikhathi izithunywa
zayo^Bonke
abantu
bayo
bayibona_noma
labo
owayesesigodlweni_yethula umqhele wayo yase iwubeka
phansi phezu kwesihlalo (isihlalo sobukhosi), yase ikhumula
ingubo yayo, yagqoka izingubo zomuntukazana, yaphuma yaya
phakathi kwabantukazana.
Manje, kuleyondatshana siyathola-ke ngoNkulunkulu.
Bathi enkosini, bathi, “Nkosi, siyakufuna. Siyakuthanda.
Si_sifuna uhlale uyinkosi.”
Kodwa yayifuna ukuba ngomunye wabo ukuba ibazi
kangcono, ukuze bayazi kangcono, ukuthi ngempela
yayingubani. Kwakuzoveza obala kubo ukuthi ngempela
yayingubani.
Futhi
yilokho
okwenziwa
nguNkulunkulu.
Wa_
Waziguqula esuka ekubeni nguJehova uNkulunkulu ukuba abe
ngomunye wethu, ukuze Ahlupheke, Akwazi ukuzwa ukufa,
Akwazi ukuthi udosi lokufa lwaluyini, futhi athathe inhlawulo
yokufa ibe phezu kwaKhe. Wabeka eceleni umqhele waKhe_
waKhe nengubo yaKhe futhi waba ngomunye wethu. Wageza
izinyawo kanye na_kanye na_abathobileyo. Wahlala
emathendeni
nabampofu.
Walala
e_emahlathini
nasemigwaqeni nalabo ababengenamalungelo. Uba ngomunye
wethu ukuze Asiqonde kangcono, nokuthi nathi siMqonde
kangcono.
Manje, ngicabanga ukuthi kulokho, sithola ukuthi
ekuziguquleni
kwaKhe,
lokho
Akwenzayo,
uma
uzoqaphelisisa, Wafika ngegama lamadodana amathathu.
Wafika ngeGama leNdodana yomuntu, nangeNdodana
kaNkulunkulu,
ngeNdodana
kaDavide.
Wafika
njengeNdodana yomuntu^ Manje, kuHezekeli 2:3, uJehova,
qobo lwaKhe, wabiza uHezekeli umprofethi, ngendodana
yomuntu.
Ndodana
yomuntu
kuchaza
“umprofethi.”
Wayefanele afike ngaleyondlela ukugcwalisa uDutoronomi
18:15, athi uMose, “INkosi uNkulunkulu wena iyakunivusela
UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU
9
phakathi kwenu umProfethi onjengami.” Akazange Azibize
ngeNdodana kaNkulunkulu. Wazikhomba Yena, ngeNdodana
yomuntu, ngoba Wayefanele afike ngokomBhalo.
Niyabo? Wayefanele enze lezoziqephu ezimbili zephepha
elidatshuliwe, isiprofetho seTestamente eliDala nesimilo saKhe
uqobo, ukuba kufane nse. Ngakho Ufika eyiNdodana yomuntu,
ufika ngalesosimo.
Siyathola-ke, emva kokufa kwaKhe, ukumbelwa,
nokuvuka. Wafika ngosuku lwePentekoste njengeNdodana
kaNkulunkulu_Nkulunkulu, uMoya, esimweni sikaMoya
oNgcwele. Wayenzani na? Wayeziguqula, Ezazisa kubantu
baKhe
ngesimo
esehlukile.
NjengoMoya
oNgcwele,
onguNkulunkulu, Wafika ukuphathelana neminyaka yebandla
njengeNdodana kaNkulunkulu, uMoya oNgcwele. Kodwa
esikhathini seminyaka eyiNkulungwane Ufika njengeNdodana
kaDavide ukuhlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide_iNkosi.
Wayezothatha isihlalo sobukhosi sikaDavide; UsesiHlalweni
sobukhosi sikaYise manje. Bese-ke, Wathi, “Onqobayo
uyohlala naMi esiHlalweni saMi sobukhosi, njengokuba naMi
nginqobile ngahlala esiHlalweni sobukhosi sikaBaba waMi.”
Ngakho U_esikhathini seminyaka eyiNkulungwane Uyoba
yiNdodana kaDavide. Kuyini na? UNkulunkulu ofanayo
ngasosonke isikhathi nje eguqula isifihla-buso saKhe_saKhe.
Ngiwuye kumkami, umkhwenyana. Nike namqaphela
owesifazane waseSirofenike wathi, “Ndodana kaDavide,
ngihawukele!” U^Akuzange kuMkhathaze nakancane.
Wayengenawo amalungelo okuMbiza kanjalo; wayengenakho
ukuMbiza njengeNdodana kaDavide. Waye_UyiNdodana
kaDavide kumJuda. Futhi manje, Ufika^Kodwa ngenkathi
eseMbiza ngeNkosi (WayeyiNkosi yakhe), khona-ke wakuthola
akucelayo. Manje, njenge^Wayeziguqula nje.
Manje, ekhaya lami ngingabantu abathathu abehlukene.
Ekhaya lami umkami unokungibiza ngomkhwenyana.
Indodakazi
yami
laphaya,
ayinakho
ukungibiza
ngomkhwenyana; nginguyise. Nendodana yami encane
engumzukulu
lapho,
ngingumkhulu
kuye;
ngakho
akanalungelo lokungibiza ngobaba. Angisuye uyise; indodana
yami nguyise. Ngingumkhulu wakhe, kodwa ngiseyilokhu
ngingumuntu ofanayo.
Futhi uNkulunkulu, Akwenzayo, Uyaziguqula nje ukuba
abe kulesosizukulwane, ukuZazisa kulabobantu. Futhi
yingakho silapha ukuzothola kulobubusuku: Ndlelani
uNkulunkulu
afanele
ukuZazisa
ngayo
kulababantu
nangalesisikhathi na? Uguqula isifihla-buso saKhe; Uguqula
ukwenza kwaKhe, kodwa Akasiguquli isimilo saKhe.
Akayiguquli imvelo yaKhe_yaKhe; Uguqula nje isifihla-buso
10
IZWI ELIKHULUNYIWE
saKhe ukusuka kwesinye kuya kwesinye. Uyakwenza
ukuZembula ngokusobala kakhulu kubantu, ukuze bazi ukuthi
Ungubani nokuthi Uyini.
KumaHeberu 1 siyafunda: “UNkulunkulu, esekhulumile
emandulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi
nangezindlela eziningi, kepha kulolu izinsuku zokugcina,
ngeNdodana yaKhe, uJesu.” Manje, abaprofethi, uJesu wathi
(ngenkathi
Eselapha
emhlabeni),
babengonkulunkulu.
“Nibabiza ngonkulunkulu labo iZwi likaNkulunkulu elafika
kubo, nemiBhalo ingeqiwe,” Washo. Wathi, “NingaMlahla
kanjani pho, nxa EyiNdodana kaNkulunkulu na?” Niyabo?
IZwi likaNkulunkulu labelwe unyaka ngamunye_ukuthi
Lizobanjani; noJesu wayengukugcwaliseka kwazo zonke
iziprofetho. “KuYe kwahlala ukugcwala kobuNkulunkulu
ngokomzimba.” BabukuYe.
WayenguYe owayekuJosefa. WayenguYe owayekuElija.
WayenguYe owayekuMose. WayenguYe owayekuDavide,
inkosi elahliweyo. Abantu bakhe uqobo babemlahlile
njengenkosi. Futhi lapho ephuma e_emagcekeni, umfo othe
ukukhathazeka kancane, egaqagaqazela, engawuthandi
uhulumeni wakhe_wakhe, inqubo yakhe; futhi wamphimisela.
Nomlindi wahosha inkemba yakhe, wathi, “Ngizoliyeka
lelokhanda lenja likuyo, ephimisela inkosi yami na?”
NoDavide, mhlawumbe engaqondi ukuthi wayenzani
ngesikhathi, kodwa wayegcotshiwe, futhi wathi, “Myekeni.
UNkulunkulu
umtshele
ukuba
enze
lokhu.”
Futhi
wakhuphukela egqumeni futhi wakhala phezu kweJerusalema,
inkosi elahliweyo.
Nike naqaphela, iminyaka engamakhulu ambalwa kusukela
lapho, iNdodana kaDavide, iphinyiselwa emigwaqeni, futhi
yayisegqumeni (intaba efanayo) ibuka phansi phezu
kweJerusalema, iNkosi elahliweyo, futhi yakhala, “Jerusalema,
beNgithanda kangaki ukukufukamela njengesikhukhukazi
senza emazinyaneni aso, kepha anivumanga na?”
Akazange ayiguqule imvelo yaKhe, ngoba amaHeberu 13:8
athi, “Unguye izolo, namuhla, naphakade.” UNkulunkulu
wabayinyama ukuze afe ukuba asihlenge esonweni. Yingakho
Aziguqula ukuba abe ngu_ngumuntu.
Siyabona kuJohane oNgc. 12:20, amaGreki ayezwile ngaYe.
Manje, akukho-muntu ongake ezwe ngaYe, ngaphandle uma
inhliziyo yabo ivuthela ukuMbona. NjengoJobe nabaprofethi
basendulo, bonke babefuna ukuMbona. Ngakho lomGreki
weza ukuzoMbona. Beza kuFiliphu, owayengowaseBetsayida,
base bethi, “Nkosi, sithanda ukubona uJesu.” AmaGreki
ayefuna ukuMbona; kodwa awakwazanga ukuMbona, ngoba
Wayesethempelini lesintu saKhe. UNKulunkulu wayekuKristu
Ebuyisana nezwe.
UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU
11
Manje,
siyathola
ukuthi
kulokhu,
lamaGreki
ayengenakuMbona. Futhi qaphelani wona impela amazwi
uJesu awezwakalisa kubo kamuva; Wathi, “Uma inhlamvu
kakolweni iwela emhlabathini ingafi, ihlala yodwa.”
Ngamany’amazwi,
babengasoze
bakwazi
ukuMbona
ekuguqulweni, esifihla-busweni Ayekuso ngalesosikhathi,
ngoba Wayembozwe enyameni yomuntu. Kodwa ngenkathi
leNhlamvu kaKolweni iwela emhlabathini, khona-ke
Yayizothela zonke izinhlanga. Wayethunyelwe kumaJuda,
kusobala, ngalesosikhathi, kodwa leNhlamvu kaKolweni
ifanele iwe. UNkulunkulu ozembozile enyameni yomuntu,
ezifihlile
kwabangakholwayo,
kodwa
embuliwe
kwabakholwayo.
KuJohane 1:
Ekuqaleni
wayekhona
uLizwi,
uLizwi
wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu.
ULizwi waba-yinyama, wakha phakathi kwethu,
(saMbona^ozelwe yedwa kuYise,) egcwele umusa^
Manje,
ekuqaleni
wayeyiZwi.
Izwi
ngumcabango
ozwakalisiwe. Ekuqaleni Wayengesuye ngisho uNkulunkulu.
Manje, igama lethu lesiNgisi namhlanje, nkulunkulu, lichaza
“into
ekhonzwayo.”
Kudida
kakhulu
engqondweni.
Ungamenza othize abe ngunkulunkulu. Ungenza noma yini
unkulunkulu. Kodwa eTestamenteni eliDala, kuGenesisi 1,
Ekuqaleni uNkulunkulu^igama liyasetshenziswa, Elohim.
Elohim uchaza “Okhona ngokwamandla akhe.” Ngumehluko
omkhulu igama Elohim egameni lethu nkulunkulu. Elohim
uchaza “Okhona ngokwamandla akhe.”
Singeke sabakhona ngokwamandla ethu. Singeke saba
ngusomandla, onamandla onke, osezindaweni zonke, owazi
konke. LowoElohim uzwakalisa konke okwalokho. Singeke
saba yilokho. Isihlahla owenza ngaso unkulunkulu, noma
i_noma indlu, akukhona ngokwamandla akho.
Ngakho
uNkulunkulu,
ekuqaleni,
wayengukuPhila,
OngoPhakade.
KuYe
kwakukhona
izingxenye,
nalezozingxenye zaba ngamazwi, neZwi laba yinyama. UJesu
wayenguMhlengi. Futhi ukuhlenga kuchaza “ukubuyisa.”
Futhi ukukubuyisa, kwakufanele kubenendawo ethize
okubuyiselwa kuyo. Ngakho, niyabo, bonke abantu abasoze
bakwazi ukukubona, ngoba bonke abantu wayengekho
ekuqaleni emicabangweni kaNkulunkulu. Niyabo?
Bukani abapristi! Ngenkathi beMbonile eZiveza neZwi
ngqo, Ayeyikho, bathi, “NguBelzabule.” Lokho kwakhombisa
ukuthi imvelo yabo yayikuphi; yayisemcabangweni wesimanje
wosuku. Kodwa lapho isifebe esincane, Ahlangana naso
esangweni, futhi wasitshela_eveza isibonakaliso saKhe
sikaMesiya ngokusitshela esasikwenzile, ngani sathi, “Nkosi,
12
IZWI ELIKHULUNYIWE
ngiyabona ukuthi ungumprofethi Wena. Siyamazi uMesiya;
nxa efika Yena, Uyakusitshela zonke lezizinto.” SasiMqonda
njengoMesiya,
OGcotshiweyo,
ngoba
Wahlangabezana
nezimfanelo zomBhalo. Aniboni na? Iziqephu ezimbili
zephepha zazihlangana ndawonye. “Siyazi ukuthi nxa uMesiya
efika^”
Manje, uNkulunkulu ngahle ukuba wadingeka azalanise
lokhu nalokho ukuthola lokhu ukuncencetha kwensimbi,
njengombumbi, kodwa ngenkathi uJesu ephenduka wathi,
“NginguYe
okhuluma
nawe,”
kwakungekho
sisho
esinjengokuthi, “uBelzebule.” Washiya imbiza yakhe yamanzi,
wagijimela emzini, wase ethi, “Wozani, nibone uMuntu,
ongitshele izinto engizenzileyo. Kungebe nguye yini yena
LoMesiya na?” Niyabo?
Manje, kwenzani lokhu, kokubeka umBhalo omdala
nolwazi u_uJesu ayemnika lona, kwenzani na? Kwenza
uMesiya. Futhi nike naqaphela na? Masinya, izono zakhe
zathethelelwa,
ngoba
ekuqaleni
wahlengeka;
ngoba
wayesekucabangeni kukaNkulunkulu ekuqaleni. Ngakho
kwamhlenga, noma kwambuyisa, lapho ebone umBhalo
ozwakaliswe wabonakaliswa kaJehova: lokho Ayeyikho; lokho
Ayikho.
Manje, ngenkathi uJesu efika, ukuba Wayefike nomlayezo
kaNowa,
wawungeke
usebenze:
ukwakha
umkhumbi
nokuntanta
uphume.
Wawungeke
usebenze.
Kodwa
ukuthi_uNowa wayeyingxenye kaNkulunkulu. Waziphatha
ngendlela
engejwayelekile,
ngoba
wayengejwayelekile.
Nomlayezo wakhe wawungejwayelekile, ngoba kwakuyiZwi
libonakaliswa. Wayengeke afike nomlayezo kaMose, ngoba
wa_wawungeke usebenze. UMose wayenguNkulunkulu
engxenyeni ebonakalisiweyo; wayeyiZwi elizwakalisiwe
lalelohora. Kodwa uJesu wayengenakungena kulokho.
IBhayibheli alizange lithi Wayezofika ngaleyondlela. Kodwa
lapho Efika wezwakalisa khona impela njenge_iTestamente
elalithe
Wayezozwakalisa,
khona-ke
bonke
labo
owayenokuhlengeka bakukholwa; ngoba babeyimicabango
kaNkulunkulu. Izingxenye zaKhe ekuqaleni kwaba yinyama
futhi kunokuhlengeka, futhi kwabuyiselwa kuNkulunkulu.
“Bonke
abaMamukelayo,
Wabapha
amandla
babe
ngabantwana bakaNkulunkulu,” ngoba babenokuhlengeka.
Babesukela ekuqaleni besekuzwakalisweni.
Ukuba besingama lapha umzuzwana (uma bekungenzeka)
futhi sicabange ngalokho kulobubusuku, ngomlayezo wehora,
imicabango
ezwakalisiwe
kaJehova^Ngaphambi
kokusekelwa kwezwe, siyatshelwa ukuthi amagama ethu
alotshwa eNcwadini yokuPhila yeWundlu. Khona-ke
singawabona amacala amabili, njengoba kuqala ngishilo,
UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU
13
kungani omunye eyinqaba komunye. Kufanele kube
ngaleyondlela.
Kwakuhlala
njalo;
bekuhlala
njalo
kungaleyondlela, futhi kuyohlala njalo kungaleyondlela.
WayeyiZwi, neZwi lenziwa inyama lakha phakathi kwethu.
Manje, uNkulunkulu e_emuva ngezinsuku zeTestamente
eliDala sithola ukuthi emva kokuba Esebonakale kubantu
baKhe ngezimo ezehlukene, Wazemboza emva kwezikhumba
ezindala
zamatahasi_uNkulunkulu,
efihlakele
emva
kwezikhumba zamatahasi esihlalweni saKhe somusa. Sithola
ukuthi (ukuthi wakwenza kanjani uSolomoni, ngenkathi
enikela ithempeli leNkosi, nalezizikhumba zamatahasi
sasilenga lapho, iveli)_ukuthi Wangena kanjani njengeNsika
yoMlilo nanjengeFu, futhi wehlela emuva kwalapho, futhi
Wazemboza ezweni elingaphandle. Kodwa ngokukholwa
uIsrayeli wayazi ukuthi Wayekhona emuva lapho. Babazi
ukuthi Wayelapho, kungakhathaleki ukuthi noma yiliphi
emazweni abahedeni lalizothini. Wafihlwa kongakholwayo,
kodwa ikholwa, ngokukholwa, lalazi ukuthi Wayesemuva
lapho; babenomusa. Futhi Wayesesihlalweni saKhe somusa,
okwakuyimfihlo enkulu.
Niyazi,
eTestamenteni
eliDala
ukungena
emva
kwalesosikhumba kwakungukufa. Manje, ukuhlala emva
kwaso kungukufa. Ngaleyonkathi, ukungena enkazimulweni
yaKhe kwakungukufa; manje, ukuqhela eNkazimulweni yaKhe
kungukufa. Lokho kwenzeka, kusobala, ekudabukeni kweveli
eKhalvari, ngenkathi iveli idabuka, iveli endala. Manje,
ukuhlala
ngaphandle
kobukhona
baKhe
kungukufa.
Ngaleyonkathi, ukungena ebukhoneni baKhe kwakungukufa.
Niyabo? Kuguquka emuva naphambili, futhi ufanele uthole
umBhalo ukubona ukuthi suku luni esiphila kulo.
Manje, ngenkathi iveli idabuka eKhalvari, isiHlalo soMusa
sahlala obala, kodwa kwenzekani na? Sasilenga eKhalvari,
sivuza iGazi. Njengoba babekade bethatha igazi unyaka
nonyaka ekuhlanzweni kwendawo engcwele nokufafazwa
kwesihlalo somusa. Lapho, uNkulunkulu, nokwaKhe
okukhulu, ukushaya okunamandla kwamandla ombani,
kwahlukanisa iveli elidala letahasi kusukela phezulu kuya
phansi,
nesiHlalo
soMusa
sahlala
obala.
IWundlu
likaNkulunkulu
langoqobo
ngempela
lalilenga
obala
eKhalvari, isiHlalo soMusa sangempela, lapho uNkulunkulu
eselikhokhile inani qobo lwaKhe futhi waba ngomunye wethu,
futhi wayekade Ezibonakalisile enjengomuntu ukuba azane
nathi nathi ukuba sazane naYe.
IsiHlalo soMusa sasihlezi obala sawo wonke uIsrayeli
wangalolosuku lokuBuyisana. Kodwa maye, amasiko awobaba
bebandla ngalolosuku base, ngamasiko abo, bemboze isiHlalo
soMusa seqiniso kubantu. Ukuba babewazile umBhalo,
isiqephu ngasinye sasiyofika njengesilengiso seShayina.
14
IZWI ELIKHULUNYIWE
Isiprofetho seTestamente eliDala sasiyogcwaliseka, futhi
sagcwaliseka.
Futhi
ukuba
babefundiswe
umBhalo,
babeyosibona isiHlalo soMusa.
Njengoba uMose asho lapha ukuthi^Kuze kube-namuhla
bamboziwe. Liselokhu liphezu kwezinhliziyo zabo; abakuboni.
Kodwa WayenguNkulunkulu, ukuhlupheka nokuBuyisana.
WayeyisiHlalo
soMusa
sangokoqobo
emi
ebonakala
ngokugcwele.
Njengoba salicula ihubo:
Bhekani! Mbhekeni esobala,
Nanguya, umnqobi onamandla,
Selokhu Adabula iveli laba kabili.
Niyabo, Wafika isiHlalo soMusa, elenga ebonakala
ngokucacile enhlanganweni. Kodwa bona bengaphansi
kombono othandwa ngabantu^Manje, silisa nesifazane,
nezithunywa zalengqungquthela, ngifuna ukusho lokhu,
ngaphandle
kokunaka
umuntu.
Kodwa
ekuboneni
kwanamhlanje, ekuboneni kwalokho esikukhonela lapha
namhlanje, nginovalo ukuthi amasiko obaba, obaba bebandla,
likufihlile lokhu kubantu abaningi kakhulu. Selokhu uMoya
oNgcwele
efikile
kulezizinsuku
zokugcina
njengoba
kwaprofethwa, neveli idatshuliwe, abantu abaningi kakhulu
bazama ukulenga emasikweni abo awobaba; futhi yingakho
bengenakuyibona lenjabulo enkulu kakhulu, nokuthula,
nezinto ibandla elinazo namhlanje. Nokho kuhlezi obala
kulabo abakholwayo. Wafihla iZwi, iZwi elethenjisiwe
lalolusuku.
Manje, amasiko lenze iveli. Bathi izinsuku zezimangaliso
selwedlule. Indoda yakhuluma kimi, omuhle, umnumzane
ohloniphekile ophucuzekile eTucson, eArizona, lapho engihlala
khona. Ngangikade nginomhlangano eRamada; futhi sasikade
sikhuluma eNgqungqutheleni yoSomaBhizinisi, lapho iNkosi
uJesu yayifike yabakhona futhi yenza izinto ezinkulu.
Nalomnumzane ohloniphekile ongumKristu weza kimi
wayesethi (umfundisi webandla, indoda enhle), futhi wathi,
“Mfowethu Branham, uzama ukutikitela kubantu unyaka
wobuphostoli,” wathi, “futhi lapho unyaka wobuphostoli
usuphelile.”
Ngase ngithi, “Ngiyakunxusa, Mfowethu, ngikhombise
ukuthi kunini lapho unyaka wobuphostoli uphele khona
emBhalweni.” Ngathi, “Unyaka wobuphostoli waqala ngosuku
lwePentekoste,
futhi
kube^UPetru
wathi
ngosuku
lwePhentekoste, ‘Isethembiso ngesenu, nesabantwana benu,
nakubo abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu
eyakubabiza.’ Wanqamuka nini na? Uma uNkulunkulu
esalokhu ebiza, ngakho unyaka wobuphostoli usalokhu ukuso
isikhathi.”
UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU
15
Futhi ngakho, kulapho abantu bezama khona ukubopha
amehlo abantu abaningi kangaka, ngamasiko abo amalunga,
njengoba kwakunjalo ngaleyonkathi. Futhi niyehluleka
ukubona ukuthi kungani abantu bethokoza kangaka, futhi
benomdlandla kangaka. Na_nalezizingqungquthela ziyinqaba
kabi, into engejwayelekile kabi kwabanye abantu, yingoba
bayabona.
Bayigqobhoza
leyomigoqo;
bawagqobhoza
lawomaveli bangena ebukhoneni bukaNkulunkulu lapho
bebona khona isethembiso esibonakalisiweyo salelihora
sibonakaliswa phambi kwabantu. Bayakubona okwethenjiswa
nguNkulunkulu.
KuJoweli 2:28, Wethembisa ukuthi ngalezizinsuku
zokugcina kuyobakhona imvula yamuva ethululelwa phezu
kwabantu ngezinsuku zokugcina. Ngicabanga ukuthi igama
lesiGreki lapho ngu kenos, okuchaza ukuthi “Wazithulula
Yena uqobo,” hhayi ngendlela ebesingasho ngayo, njengento
ebingathi ibingaphakathi kumuntu othize wayithulula, kodwa
Wazithulula Yena uqobo. Waguqula eyaKhe i_en morphe.
Wa_Waguquka esuka kulokho Ayeyikho waya kulokho
Ayikho. Akayiguquli neze imvelo yaKhe.
Kodwa ngosuku lwePentekoste Waziguqula Yena uqobo
esuka ekubeni yiNdodana yomuntu waya ekubeni yiNdodana
kaNkulunkulu. Wafika, hhayi nabantu, Wafika wangena
kubantu (niyabona na?), uNkulunkulu ofanayo ukuqhuba
inkonzo yaKhe ize izofika kulonyaka omkhulu.
Waprofetha eBhayibhelini ukuthi kuyobakhona usuku
olungayikuba yimini noma ubusuku, kodwa ngesikhathi
sokuhlwa kufanele kube ngukukhanya. Manje, ilanga,
ngokomumo womhlaba, liphuma empumalanga lishone
entshonalanga. Yilanga elifanayo ngasosonke isikhathi.
Manje, ngenkathi iNdodana (N-D-O-D-A-N-A) iZembula
ekubonakalisweni kweZwi elethinjiswayo kuIsrayeli, abantu
baseMpumalanga^Sibenosuku
oluyisigayegaye.
Sibenokukhanya okwenele kubaguquli njalonjalo ukwenza
amabandla namahlelo, futhi siwajoyine; futhi singene sange
izingane; futhi sishadise abadala; futhi singcwabe abafileyo,
njalonjalo; futhi sihlale ebandleni. Kodwa ngesikhathi
sokuhlwa, “Kuyakuba ngukukhanya,” Wathi, “ngesikhathi
sokuhlwa.” Futhi akukho-mBhalo ongephulwa. Futhi iN-D-OD-A-N-A
efanayo
eyaZithulula,
kenos,
ngosuku
lwePentekoste, yethembisa ukwenza into efanayo ngesikhathi
sokuhlwa. Niyabona na? Kuhambisana nesethembiso.
Hlanganisa isilengiso ndawonye. Buka ukuthi kwenzekani,
futhi buka ukuthi Wethembisani, khona-ke uyabona ukuthi
sikuphi.
Hlanganisa
into
ndawonye.
Ungakubona
ukwembuleka
kwaLona
omkhulu
nongumninimandla.
Amasiko liphuphuthekise abantu futhi kulezizinto ezinkulu
okuprofethiwe.
16
IZWI ELIKHULUNYIWE
UMose, ngenkathi ephuma evela entabeni, eyayisemlilweni
^Omuhle kabi umfanekiso. UMose wayekade ehlele
eGibhithe futhi watshela obaba bebandla ukuthi iNkosi
uNkulunkulu
yayikade
imvakashele
ngeGama
likaNGIKHONA. LeloGama liyinkathi yamanje, hhayi
Ngangikhona, ngiyobakhona, kodwa NGIKHONA, uhlala
efana, onguye izolo, namuhla, naphakade. Uyinkathi yamanje.
U^Lokho kuqhathaniseka namaHeberu 13:8: “UJesu Kristu,
onguye izolo, namuhla, naphakade.”
Kuselokhu kuyilo iZwi elaprofethwayo, nenhlangano
eyayizohlangana okwesisila sejuba naleloZwi, ulwazi
lwalolusuku^ “Abaguquli babanalo.” O, kodwa lolu
ngolunye usuku. Niyabona ukuthi sukuluni esiphila kulo!
Njengoba nje Wayengenakufika ngezinsuku Afika ngazo
emhlabeni, nge_ngendlela uMose afika ngayo noma yimuphi
wabaprofethi afika ngayo; akuprofethwanga. Futhi ngalolu
izinsuku zokugcina, kuprofethwe ukuba kufike ngalendlela.
Kungeke kwafika ngesimo semvuselelo kaLuther; kungeke
kwafika
ngesimo
semvuselelo
kaWesley;
kuyihora
lokubuyisela. Kuyisikhathi sokuthi kufanele kubuyele emuva
emsebeni wokuqala welanga, okokuqala.
O, besingayibeka impela imiBhalo kulokho! Futhi nina
bosiyazi bezenkolo (nivela kuyiphi ingxenye yezwe), niyazi
ukuthi lelo yiqiniso. Yisethembiso. Yilokho okwenza abantu
babeyinqaba kangaka. Yilokho okwenza abayinqaba enibabiza
kanjalo; yingoba ba^Kuyi^Iveli selivuliwe emasikweni,
futhi bayakubona. Unguye izolo, namuhla, naphakade.
Yi_yisethembiso sikaNkulunkulu, futhi singeke saphambana
nalokho, ngoba imiBhalo ingephulwe.
Yebo, sithola ukuthi Wethembisa ukuthi Uyozithululela
Yena uqobo kubantu baKhe, futhi Unguye izolo, namuhla,
naphakade.
UMose, emva kokuba kade ehlele eGibhithe futhi
wamemezela lokhu, khona-ke uBaba wawuqinisekisa
umlayezo wakhe ngokufika eNtabeni iSinayi ngeNsika yoMlilo
efanayo futhi yavuthisa intaba. Sike samqaphelisisa Amnika
isethembiso na? Wamveza eneZwi. Wayenemiyalo, futhi ukuba
abe nalomyalo, wafanele a^
Imiyalo kwakuyiZwi; iZwi lalingakaze lifike kubantu
nokho. Ngakho iZwi njalo liza kumprofethi, futhi
wayengumprofethi walelohora.
NjengoJesu wayeyiZwi. UJohane wayengumprofethi,
noJesu weza kuye emanzini, ngoba iZwi njalo liza kumprofethi
ngaphandle kokwehluleka. IZwi liza ku^Ngakho uMose,
iZwi leza kuye, imiyalo, futhi wayenayo.
UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU
17
Manje, ngani, ngaphambi kokuba iZwi likhishwe futhi
libonakaliswe, uMose wafanele amboze ubuso bakhe, ngoba
iZwi lalingakabonakaliswa ngokupheleleyo. Bazi ukuthi
kukhona okwakwenzekile, kodwa abazanga ukuthi kwakuyini
(ukubhodla nokuduma), baze bathi, “Makukhulume uMose
kungabi uNkulunkulu.”
NoNkulunkulu wathi, “Kuhle, Ngizokwenza lokho.
Kusukela manje kuqhubeke Angisophinde ngibonakale kanje.
Ngiyobathumela umprofethi. Ngakho uzo^Ngiyokhuluma
ngomprofethi waMi.”
Manje, uma uMose nomthetho wemvelo (njengoba uPawulu
kwabaseKorinte II lapha esembulele) wafanele amboze ubuso
bakhe ngokwemvelo, kuyoba nenkazimulo kangakanani-ke
okoMoya futhi kumboziwe kongakholwayo ngaphambi kokuba
kubonakaliswe kubo! Bayobiza kangakanani^! UMose
wayeyinqaba. Bayonibiza kangakanani-ke nina, ogqobhoze
iveli, wangena eNsikeni yoMlilo, futhi uphuma nezibusiso!
Futhi manje nimboziwe! Abantu abakwazi ukukubona.
Abakwazi ukukuqonda. Uma okwemvelo kunenkazimulo,
kuyoba ngakanani-ke okwaphezulu na! Uma okwemvelo,
okwakunokuphela
kukho,
kwakuzoba
nenkazimulo,
kuyobanenkazimulo kangakanani-ke lokhu okungenakuphela
kukho!
Kodwa kusalokhu kumboziwe. Akumboziwe kokholwayo,
kodwa
kongakholwayo;
angeke
akwazi
ukukubona.
UNkulunkulu njalo Uyazemboza kongakholwayo. Amasiko
ayakufihla. Njengoba benza ngaleyonkathi, bayakwenza
namhlanje. Lelo kwakuyiveli lomoya esinalo manje, lapho iveli
lemvelo lalikhona. Kwaqinisekiswa ngumprofethi neZwi
elilotshiwe, oprofethayo, lowo oza neZwi elilotshiwe
ukuLicacisa, babazi ukuthi iZwi lalikhona, kodwa babengazi
ukuthi Lalichaza ukuthini; noMose waLicacisa. Wathi,
“Umyalo usho lokhu, futhi yingakho lokhu.” WaLicacisa.
Futhi ngaphambi kokuba Licaciswe, Lalemboziwe. Futhi
kunjalo nanamhlanje, limboziwe kubantu Lize lembulwe futhi
licaciswe
kubantu_uNkulunkulu,
uNkulunkulu
umninimandla, embozwe enyameni yomuntu, iZwi.
Qaphelani.
Manje,
sithola
ukuthi
Lalifihliwe
kongakholwayo, kodwa lembulwa kokholwayo. Qaphelani.
UMose wayefanele angene yedwa kuleNsika yoMlilo; akekho
owayengahamba naye. Kwakungesikho^Kwa^Kukhuluma
ukuthini lokho kithi na? Ukuthi awungeni kulokhu
ngokujoyina iqembu lamaPentecostal. Niyabona na? Akazange
aLembule eqenjini; Walembula kumuntu ngamunye. Futhi
kungaleyondlela
namhlanje.
Wena
uthi,
“Ngisonta
e_ebandleni, ngi_ngisonta kulokhu.” Kodwa lokho ngeke
kusebenze. Niyabona na? Futhi nayinoma ngubani ukuba
18
IZWI ELIKHULUNYIWE
azame ukulandela uMose, ukukulingisa kwakungukufa. Futhi
kunjalo nanamhlanje, ukufa kokomoya ukuzama ukulingisa.
Yilokho oku^
Kulobubusuku singena ekuvukeni phakathi kwamaqembu,
ukuqhathanisa kwenyama_othile azame ukwenza njengakho
futhi aphile impilo ehlukile: engaphuza; engabhema;
abesifazane bangaphila nayikanjani_kakhulu noma ngayiphi
indlela abayifunayo, futhi njengezwe; futhi bahlale ekhaya
babuke ithelevishini, ne_nezinto zezwe, futhi bebe besalokhu
bezibiza
ngamaPentecostal.
Bazama
ukulingisa
into
yangokoqobo. Akukembulwa neze kubo kuze kube manje. Nxa
seLembuliwe, kunenkazimulo futhi ikhona into ekususayo
lokho kuwe uma uhamba ungene lapho. Uba yiveli. Ku_ku_
kungeke nje kusebenze. Futhi ukukulingisa kwakungukufa.
UMose emboziwe, wayeyiZwi eliphilayo kubantu. Futhi
namhlanje, abantu abemboziwe bayinto efanayo; bayizincwadi
ezilotshiweyo, ezifundwa ngumuntu wonke, hhayi incwadi
entsha, kodwa incwadi elotshiweyo, yabonakaliswa. Yi_yilabo
abakholwa yiZwi nesethembiso salolusuku uNkulunkulu
athulula khona uMoya waKhe phezu kwayo yonke inyama;
futhi lokho yizincwadi ezilotshiwe. Futhi nxa umuntu ezama
ukulingisa lokho ngokwenyama, kuqhuma ngemuva. Impilo
yakho iyakhombisa ukuthi uyini.
Ngesinye isikhathi kwakukhona umfana; wayengene
enkathazweni ethize. Wayengu_ngumfana olungileyo, kodwa
wa_waya enkantolo; nomahluleli wathi, “Ngikuthola unecala.
Ngifanele ngikujezise ngokudilikelwa yijele.”
Wathi, “Ngifuna ukuzihlolela icala lami.” Wathi, “Ngifuna
ukuzibhekela irekhode lami.”
Wathi,
“Awunarekhode.
Irekhode
lakho
yilokho
okukulahlile.”
Futhi kungaleyondlela namhlanje. Isizathu sokuba ibandla
lingaqhubeki njengokuba lifanele, yirekhode, ngamanga.
Sifanele sibe ngabazinikele kakhulu. Sifanele silikholwe lonke
iZwi likaNkulunkulu. Sifanele sifune lize leloZwi lenziwe libe
yilo ngempela kithina. Niyabo? Irekhode yilokho okusenza
singangeni.
Kodwa ngesinye isikhathi (ukukukhipha kulesisihibe)
kuyo
yona
lenkantolo,
umfana
wayengenamali.
Wayengenakulihlawula. Inhlawulo yayile ezinkulungwaneni
zamadola. Kodwa wayenomfowabo omkhulu owafike
walihlawulela yena.
Manje,
sinoMfowethu
omkhulu,
uJesu,
iNdodana
kaNkulunkulu; futhi Ufika ukuzolihlawulela thina, uma nje
sizokukholwa futhi sikwazi ukungena evelini kanye naYe.
Njengoba
enguMose
wethu_uJesu
unguMose
wethu
UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU
19
wanamhlanje; uMose emboziwe wayeyiZwi eliphilayo
kubantu. Namhlanje, uJesu emboziwe uyiZwi eliPhilayo
kubantu aba^ UJesu eBandleni. UMoya oNgcwele, iNdodana
kaNkulunkulu, kubantu, embula iZwi ngesethembiso
sanamhlanje, kukwenza kube yikho impela nje. Kuyafana
manje!
Futhi khumbulani, uMose wakwenza lokhu futhi
wakubonakalisa lokhu, kungesikho kulolonke izwe, kodwa
kubantu bophumo_uhlobo olulodwa nje lwabantu. Lolo
kwakuyilabo abaphuma o_ophumweni. Futhi namhlanje,
uMoya oNgcwele, ebusweni babantu othi, “Ukuphulukisa
kukaNkulunkulu akulungile!”^ Ngenkathi ngithintana^
Udokotela
wangibiza
ngeliny’ilanga
ngenenekazi
elincane^O, sekubekhona izehlo ezine noma ezinhlanu
lapho, nje sebegulela ukufa, ebanika amahora, futhi uMoya
oNgcwele wabaphulukisa. Udokotela wayekubuza; wathi,
“Kungenzeka kanjani lokhu na? Ngani,” wathi, “Ngi_ngi^
Leso isiguli sami.”
Ngathi, “Kwakuyiso, kodwa manje bekungesikaNkulunkulu.
Si_si_singaphansi kwaKhe manje.” Niyabo?
Futhi ngakho, niyabo ukuthi kuyintoni, ukuthi
uNkulunkulu ubiza uphumo ukuba kuphunywe emva
kwekhethini lenyama ozama ukulingisa, ozama ukujoyina
ibandla, kungesiyo iMethodisti, iBaptisti, iPresbyterian
impela, kodwa amabandla amaPentecostal. Kuludaba lomuntu
ngayedwa; nguwe noNkulunkulu. Ufanele ungene, hhayi
iqembu lakho, hhayi ibandla lakho, hhayi umfundisi wakho,
kodwa nguwe ofanele ungene.
Ngifuna niqaphele esinye isimilo sikaMose. Ngenkathi
ephuma, nokho engumprofethi, engumuntu omkhulu ayenguye,
ngenkathi
ephuma
neZwi,
abantu
babona
ukuthi
wayeseguquliwe. Kukhona okwase kwenzeke kuye. Ngenkathi
ephuma
neZwi
eliqinisekisiweyo
lalelohora,
Imiyalo,
wayesengumuntu oguquliwe. Kanjalo nawe uyoba njalo nxa
uphuma emva kwaleloveli lobuntu elingawuhleka umhlangano
onjenga
lo,
lowomuntu
okhubekayo
ekuphulukiseni
kukaNkulunkulu, futhi athi, “Izinsuku zezimangaliso
selwedlule.”
Uyaqathaka emva kwaleloveli lobuntu lapho, iveli
lamasiko, futhi wonke umuntu uzokwazi ukuthi kukhona
okwenzeke kuwe.
NjengoMfowethu ohloniphekileyo uJim Brown, sengathi
ngiyabona iningi lamaPresbyterian noma_liyazi ukuthi
kukhona okwenzekile kuye, ngoba u_uphuma emva kweveli
lamasiko. Wabona okuthize kubantu abamkhangayo, futhi
waphuma emva kweveli. Yebo, wena^Nxa uphuma emva
20
IZWI ELIKHULUNYIWE
kweveli, uyoba sobala ngokugcwele kubantu ngaleyonkathi,
ukuthi bakwazi ukubona ukuthi kukhona okwenzekile kuwe.
IZwi elimboziwe kongakholwayo, kodwa lisobala ngokugcwele
kokholwayo: uJesu Kristu, onguye izolo, namuhla, naphakade.
Khona-ke
kwakunguNkulunkulu^Ngalezozinsuku
kwakunguNkulunkulu kumuntu, iNdodana yaKhe, uJesu
Kristu. Siyakukholwa lokho. Hhayi nje umprofethi, hhayi nje
indoda
ejwayelekile,
umuntu
ojwayelekile,
KwakunguNkulunkulu ekuKristu, uNkulunkulu, esendodeni,
ukugcwala kobuNkulunkulu ngokomzimba esendodeni.
UNkulunkulu, endodeni; manje, nguNkulunkulu emadodeni.
Niyabo? Ukugcwala kukaNkulunkulu ebuNkulunkulwini
ngokomzimba eBandleni laKhe lonke, Ezibonakalisa,
egcwalisa iZwi laKhe.
Manje,
siyathola,
uNkulunkulu,
yonke
iminyaka,
ubenesikhumba kuYe. UNkulunkulu ubefihlakele emva
kweveli. Nje kungikhumbuza nge_ngendatshana eyenzeka
ezansi eNingizimu. Futhi kanjalo, kwakukhona ikhaya
lamaKristu. Futhi leli_kulelikhaya lamaKristu babemkholwa
uNkulunkulu,
futhi
ba_babecabanga
ukuthi_ukuthi
uNkulunkulu wayebavikela kuzo zonke izinkathazo; futhi
Uyakwenza. Futhi babenoJunior omncane (umfanyana othi
akabe neminyaka eyisikhombisa noma eyisishiyagalombili
ubudala),
futhi_futhi
waya
kuSonto
sikole
futhi
wayengumfana omncane omuhle kabi; kodwa wayesaba
esiphephweni, ikakhulu uma umbani wawubaneka.
Futhi ngakuxoxela indoda lokhu ngeliny’ilanga, ngenkathi
lesisiqephu sasiphumile mayelana nalendoda ngokuba
iphulukisiwe,
yena
lomfundisi
wathi,
“Bakwenza
unkulunkulu, Mfowethu Branham.”
Yebo, wayengumsoli, ngakho ngacabanga ukuthi ngizovele
nje ngidedele_ngithi nje ukuthi ukukwephula kancanyana,
kungabi ukulimaza, niyazi, kodwa nje ukuthi^Ngathi,
“Ngabe lokho kukude kakhulu yini nomBhalo ukuba kube
njalo na?” Niyabo? Ngathi, “Qha, akukude.” Ngathi, “Ngoba
uJesu wabiza abaprofethi ngonkulunkulu.” Niyabo? Kunjalo.
UNkulunkulu^
Futhi bathi, “Yebo, ninabantu nizama ukuthatha indawo
kaNkulunkulu.”
Lokho akuqhelile kakhulu; kuyilokho ngempela. Kuyikho
ngempela! UNkulunkulu wabonakaliswa enyameni, njengoba
Ethembisa nje.
Lomndeni
omncane,
sithola
ukuthi^Ngamxoxela
ngalendatshana (futhi efika emqondweni wami njengamanje),
ukuthi ngobunye ubusuku kuqubuka isiphepho, noMama
wathi kuJunior, wathi, “Manje, khuphukela esitezi, Ndodana,
futhi uye embhedeni.”
21
UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU
Wathi, “Ma, ngiyesaba.” Wathi^
“Akukho
embhedeni.”
lutho
oluzokulimaza.
Khuphuka
bese
uya
UJunior omncane walala phezulu lapho, nombani ubaneka
emafasiteleni, nomfo omncane washaywa wuvalo kakhulu.
Wayelithi ne ikhanda lakhe phansi kwekhava, futhi wayelokhu
esawuzwa u_umbani_noma ewubona umbani ubaneka
emafasiteleni, futhi_futhi elizwa izulu liduma; ngakho wathi,
“Mama!”
Futhi wathi, “Ufunani, Junior na?”
Wathi, “Khuphuka uze lapha ulale kanye nami!”
Ngakho uyakhuphuka ngezitebhiso, njengoba kungenza
noma yimuphi olungileyo, umama owethembekile; futhi
wakhuphuka, wayesemthatha uJunior omncane ngezingalo
zakhe, wayesethi, “Junior, uMama ufisa ukukhuluma nawe
umzuzwana nje.”
Wathi, “Kulungile, Mama.”
Wathi, “Manje, ufanele ukhumbule lokhu. Siya njalo
esontweni; sifunda iBhayibheli; siyakhuleka; singumndeni
ongamaKristu; sikholwa kuNkulunkulu.” futhi wathi,
“Sikholwa ukuthi eziphephweni nanokuthi noma kwenzekani,
uNkulunkulu uyisivikelo sethu.”
Wathi, “Mama, ngikukholwa konke nokuncu kwalokho,
kodwa,” wathi, “uma lowombani ususeduzane kakhulu,”
wathi, “Ngi_ngifuna uNkulunkulu onesikhumba kuLo.”
Ngakho ngi_ngicabanga, akusuye uJunior kuphela, kodwa
thina sonke sizwa ngaleyondlela. Nxa sihlangana ndawonye,
nxa sikhulekelana^UNkulunkulu onesikhumba kuLo.
Futhi siyathola lapha ukuthi uNkulunkulu ubehlala njalo
enesikhumba
kuYe.
Ngenkathi
uMose
eMbonile,
Wayenesikhumba kuYe; Wayebukeka njengomuntu. Ngenkathi
uNkulunkulu esemva kwamakhethini, Wayenesikhumba kuYe.
Futhi
uNkulunkulu,
kulobubusuku,
eBandleni
laKhe
wemboziwe
eBandleni
laKhe
ngesikhumba
kuYe.
UsenguNkulunkulu ofanayo kulobubusuku. Siyakuthola
lokho.
Kodwa manje, njenganininini, iveli lesikhumba yilo
elibamba amasiko. Abakwazi nje ukukholwa ukuthi lowo
nguNkulunkulu enza labobantu baziphathe kanjalo. Niyabo?
Yingoba
uNkulunkulu
uzemboze
eBandleni
laKhe,
esikhumbeni_isikhumba
kuLo.
Kunjalo.
Ufihlakele
kongakholwayo,
futhi
wembula
kokholwayo.
Yebo,
mnumzane!
22
IZWI ELIKHULUNYIWE
Manje, nxa iveli labo lesiko la_la_lamasiko amalunga
neZwi kugqojoziwe (o, kusobala, namhlanje), bese lihlala
obala, siyaMbona, ubuNkulunkulu futhi bumbozwe enyameni
yomuntu. AmaHeberu 1 asho njalo, noGenesisi 18 futhi.
Niyakhumbula uNkulunkulu wayengumuntu, emi lapho edla
futhi ekhuluma noAbrahama, futhi wakusho okwakwenziwa
nguSara ethendeni emva kwaLo. NoJesu wathi, “Njengokuba
kwenzeka emihleni yase Sodoma, kuyakuba-njalo ekufikeni
kweNdodana yomuntu,” ubuNkulunkulu bumboziwe futhi
enyameni yomuntu.
Manje khumbulani, uJesu akashongo ukuthi, “Lapho
iNdodana kaNkulunkulu yembulwa.” KuLuka isahluko 17,
ngiyakholwa, futhi cishe elama 20, ivesi lama 21, kulezondawo
nje; Wathi, “Futhi lapho iNdodana yomuntu yembulwa,”
iNdodana yomuntu ibuyela e_e_eBandleni futhi, yembulwa
ezidalweni ezingabantu, hhayi iNdodana kaNkulunkulu,
kodwa iNdodana yomuntu futhi, ibuyela eBandleni laYo futhi
ngezinsuku zokugcina. Sithola ukuthi Yakwethembisa lokho
ezethembisweni zikaNkulunkulu.
Siqaphela enye into. ETestamenteni eliDala (nginomBhalo
lapha kuEksodusi) ukuthi izikhumba ezindala zamatahasi^
Senzani na? Safihla inkazimulo kaNkulunkulu kubantu_
izikhumba zamatahasi^Isizathu abantu bengakwazanga
ukuLibona, ngoba kwakuyisikhumba esasiLibambile^
Isikhumba sasi^Inkazimulo kaNkulunkulu yayingemva
kwesikhumba. Futhi manje, inkazimulo kaNkulunkulu isemva
kwesikhumba sakho (kunjalo!), namasiko awakuboni.
Kungaphakathi kweveli lapho iZwi laKhe lalikhona.
Kwakukhonani ngaphakathi kwalezozikhumba, emuva
lapho, izikhumba ezindala zamatahasi, ezazingenabuhle ukuba
siLifise na? Futhi ngenkathi Lenziwa inyama futhi lakha
phakathi kwethu, Laliseyilokhu lingenabuhle ukuba siLifise.
Futhi manje, into efanayo inamhlanje. Akukho lutho
kowesilisa noma owesifazane olungafiswa, kepha yilokho
okungemuva lapho. Kuyilokho-ke.
“Yebo,” wena uthi, “lowomfo ngiyamazi wayevamise
ukuba yisidakwa. Wayevamise ukwenza lokhu.” Anginandaba
ukuthi
wayevamise
ukwenzani.
Yini
efihlwe
emva
kwalesosikhumba na? Yini esemva kwalapho na? Yilokho
okusemqoka,
yilokho
oku^Abantu
uphuphuthekile;
isikhumba
siphuphuthekisa
abantu.
Niyabo?
Bathi,
“Ngiyamkhumbula lowaya wesifazane wayevamise uku^”
Ngiyazi ukuthi wayevamise ukwenzani, kodwa uthini
ngokwamanje na? Niyabo? Uma lezozikhumba esake saba
setahasini, kodwa manje, sifihla inkazimulo kaNkulunkulu,
ingeniswe emva kwaso. Yayisesilwaneni, kodwa manje,
ingenisa inkazimulo kaNkulunkulu.
UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU
Futhi
kanjalo
isikhumba
sakho
kulobubusuku,
ukuba
senziwe
indawo
kaNkulunkulu, uNkulunkulu akhe esintwini.
23
singaguqulwa
yokungenisa
Bukani, izikhumba ezindala zamatahasi, sithola ukuthi
emva kwaso kwaku_ngaphakathi kwalapho kwakuyiZwi.
NeZwi^Kwakukhona
futhi
isinkwa
sokubukwa.
Umphongolo wawufafazwa. Futhi kwakuyini na? Inkazimulo
yeShekina yayiphakathi lapho.
Manje, iZwi liyiMbewu, futhi Ingeke yathela ize i_Ishaywe
yilanga. Ilanga lifanele libe phezu kwembewu ukuyenza ithele,
ukuyenza ivele. Futhi yileyondlela kuphela othatha ngayo
iZwi. Niyabo? Thatha iZwi likaNkulunkulu lingene
enhliziyweni yakho bese uhamba ungene enkazimulweni
yeShekina. Futhi uma ukwenza, kuyoletha imana yesinkwa
sokubukwa esinikwa kuphela abantu abehlukanisiwe. Into
kuphela engasidla, evunyelwe ukusidla, ngabantu nje
abavunyelwe futhi osaziyo.
UPawulu wathi lapha, “Siguquka sisuka enkazimulweni
siye enkazimulweni.” Niyabo? Ekugcineni kufika kweyakho_
kubuyela enkazimulweni yakho yokuqala. Kunjengembewu nje
yenkazimulo yasekuseni. Imbewu yembali, iwela emhlabathini.
Inhlamvu kakolweni iwela emhlabathini. Yini into yokuqala
na? Iyamila, futhi kuyiklume elincane; bese iya entshakazeni.
Bese kuthi kusukela entshakazeni ibuyela emuva ohlamvini
lwayo lokuqala.
Yebo, yilokho impela iBandla elikwenzile. Liphuma
kuLuther, uWesley, futhi manje, libuyela emuva ohlamvini
lokuqala, libuyela enkazimulweni yaLo yokuqala, libuyela
emuva enkazimulweni Elaliyiyo ekuqaleni. Ilanga elaphuma
eMpumalanga liyilanga elifanayo elibonakalisa into efanayo
eNtshonalanga,
liguquka
lisuka
enkazimulweni
liya
enkazimulweni.
Laguquka lisuka ebuhedenini langena phansi kuLuther,
futhi kusuka kuLuther lehla layongena kuWesley, futhi
ukusuka kuWesley laphuma layongena ePentekoste, futhi
kuqhubeke njalo njalo, liguquka lisuka enkazimulweni liye
enkazimulweni, liveza imana efihliwe. Futhi manje,
seliyavuthwa ukuMbuyisa nse njengoba Wayenjalo ekuqaleni,
inkonzo yaKhe efanayo, uJesu ofanayo, amandla afanayo,
uMoya oNgcwele ofanayo. Yena Lowo ofanayo owehla
ngosuku
lwePentekoste
nguMoya
oNgcwele
ofanayo
obonakaliswa namhlanje, ukusuka enkazimulweni, kuya
enkazimulweni, kuya enkazimulweni, kubuyela emuva
embewini yakho yokuqala ngomBhaphathizo kaMoya
oNgcwele, ngezibonakaliso ezifanayo, izimangaliso ezifanayo,
umbhaphathizo ofanayo, uhlobo olufanayo lwabantu lwenza
24
IZWI ELIKHULUNYIWE
ngendlela efanayo, namandla afanayo, ivuso elifanayo.
Kungukusuka enkazimulweni kuya enkazimulweni. Futhi
okulandelayo kuyoguqulwa kusuka kulenkazimulo kungene
emzimbeni njengoMzimba waKhe uqobo okhazimulisiweyo
lapho esiyoMbona khona. UAbrahama wabona okufanayo.
Manje, qaphelani. Siyabona ukuthi kwaguqulwa kanjani.
Kusukela eKhalvari siyamenywa ukuba sabelane inkazimulo
yaKhe. Manje, kwabaseKorinte I 12, “Sibhaphathizelwe
eMzimbeni
waKhe.”
NgaMoya
munye
thina
sonke
sibhaphathiziwe, hhayi ngamanzi manye, Moya munye thina
sonke sibhaphathiziwe. Kunjalo. Manje. Bese-ke, siba
yingxenye yaKhe. (Ngethemba ukuthi anginihlalisi isikhathi
eside kakhulu. Niyabo? Ngiyethemba anginjalo.)
Kodwa nje kunjengokukhulu ukuvumelana kwamaphimbo
nezinsimbi ekuhlabeleleni okudlala_noma okudlala umdlalo
wasesiteji.
Angazi
kakhulu
kangako
ngokuvumelana
kwamaphimbo nezinsimbi ekuhlabeleleni noma umdlalo
wasesiteji, kodwa ngangibuka lomdlalo, engangikhuluma
ngawo, iCarmen, ngenkathi indodakazi yami nabanye ekuwo.
Futhi
ba_futhi
babedlala
kulokhu
ukuvumelana
kwamaphimbo
nezinsimbi
ekuhlabeleleni,
kwiCarmen.
Babedlala^Umculo wa_wa_wawudlala into efanayo.
Kungaleyondlela uma ubhaphathizwe ngoMoya oNgcwele
kuKristu.
Manje niyabo, iningi lenu lifundile noma layizwa indaba
yomqambi omkhulu oyiRashiya owaqamba uPeter and the
Wolf. Nokuthi kanjani wa_bayakudlala lokho ngemifanekiso
nakho konke. Futhi noma ubani oyaziyo indaba, lokho
kufundwa ephepheni, futhi ungakuzwa lokho kuvumelana
kwamaphimbo nezinsimbi ekuhlabeleleni, ukuthi kudlalwa
kanjani lokho, umdlalo wasesiteji, ukuwudlala, ngani, bazi
konke ukuguquka. Bangabuka lapha babone ukuguquka.
Kodwa manje, kwenzekani uma u_uma umqambi ebhala
okuthize, futhi sithole ukuthi awudlalwa nje kahle na?
Siyathola-ke ukuthi kukhona okwenzekayo; kukhona
okusileleyo. Nxa sibabona^Lo owawuqambayo u_wawenza
wawubhala, bese-ke, ukuvumelana kwamaphimbo nezinsimbi
ekuhlabeleleni kuyawudlala, kushaye inothi okungesilo;
kukhona okuliphutha. Umbhidi unyakaze ngephutha. Niyabo?
Futhi yileyondaba namhlanje, bazalwane bami beLuthela,
bazalwane bami beBaptisti, bazalwane bami bePentecostal,
bonke abazalwane bami bakuwo onke amahlelo ehlukene;
kuyilokho-ke. Niyabo? Nizama ukunikeza inothi elishaya
emuva ezinsukwini zikaLuther, noma uWesley, kanjalo,
kanti_eqinisweni iShadi loMculo lapha liyakhombisa ukuthi
sekungolunye usuku. Niyabo, niyabona na? Singeke saphila
ekukhanyeni kukaLuther; wayengumguquli. Siyasibonga
UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU
25
isigaba sakhe_sakhe, kodwa sikudlale sakuqeda lokho.
Sesikude ngapha kwingemuva leNcwadi manje. Niyabo?
Singeke_singeke sawudlala kanjalo.
Manje, indlela kuphela eniyoze nikwazi ngayo ukukwenza,
bazalwane
bami,
yile^Nani
bazalwane
basezweni
(basezingxenyeni ezehlukene zezwe, ngingasho njalo), yinye
kuphela indlela yalowo_yalowombhidi yokuba ayenze.
Ufanele angene emoyeni ofanayo umqambi ayekuwo, khona-ke
useyitholile. Futhi nxa iBandla, ukuvumelana kwamaphimbo
nezinsimbi ekuhlabeleleni ngokwakho (lapho izwe libheke
lezizibonakaliso nezimangaliso), nxa iBandla, noMqambi,
nombhidi bonke bengena eMoyeni woMqambi, khona nxa
bethi, “Izinsuku zezimangaliso selwedlule,” akushayi inothi
eliyilo. Kodwa nxa lingena kahle endaweni yalo nomoya oyiwo
walo^Uzokwenza kanjani aze uMoya ehle EVELA
kuMqambi na? Ameni!
Khona nxa uthi, “Izinsuku zezimangaliso azedlulanga
neze,” ukuvumelana kwamaphimbo ekuhlabeleleni kumemeza
kakhulu, “AMENI!”
Nxa sishaya, sithi, “UJesu, unguye izolo, namuhla,
naphakade,”
ukuvumelana
kwamaphimbo
nezinsimbi
ekuhlabeleleni kumemeza kakhulu, “AMENI!”
“Niyomukela amandla emva kwalokhu uMoya oNgcwele
esefikile phezu kwenu”; ukuvumelana kwamaphimbo
nezinsimbi
ekuhlabeleleni
kuyamemeza,
“AMENI!
ngiwutholile.” Akusesiwo umqagelo ngawo ngalesosikhathi;
konke ukuvumelana kwamaphimbo nezinsimbi ekuhlabeleleni
kuzwana kahle neZwi. Kuvele kuthi [UMfowethu Branham
ushaya ihlombe ukukhombisa ukuhamba okuqhubekayo noma
ukunyakaza_Umhl.] Yilokho-ke. O, kuyinto enhle kakhulu.
Umbhidi noMqambi bafanele babeseMoyeni ofanayo, futhi
kanjalo nezazi zomculo zifanele zibe seMoyeni ofanayo
ukukudlala konke. Nezwe liyamangala ukuthi kwenzekani.
Ubukhomanisi, bakhuluma nge_futhi bangicasulile
ngakho_nakho konke lokhu ukuhlanganiswa, nakho konke
okunye, nobandlululo^O, bakithi! Okunje_wonke lombhedo;
lapho ukufika kweNkosi sekufikile! Kukhona okushaya
ngokungesikho, ngiyesaba ukuthi ababhidi bane_ababhidi
baphumile eMoyeni woMqambi.
Nxa sithola lowoMoya woMqambi, lawomandla okuqala
kaNkulunkulu (ukuthi iBhayibheli lathi umuntu wasendulo
waholwa nguMoya oNgcwele ukubhala leliBhayibheli),
uzozibona lezoziqephu ezimbili zeShayina zizohlangana
ndawonye njengeBhayibheli likaNkulunkulu nje nekholwa
lizohlangana ndawonye; ngoba bobabili baseMoyeni ofanayo;
bobabili bayinto efanayo. Bahlangana ndawonye thaqa
okwesisila sejuba.
26
IZWI ELIKHULUNYIWE
Esikudingayo namhlanje ababhidi. Kunjalo. Kubuyelwe
eZwini. Kubuywe futhi Likholwe njengoba Lasho nje.
Khona-ke ubona uNkulunkulu, qobo lwaKhe; lokho
kungukwembulwa; umdlalo wasesiteji wenziwe waba yiwo
ngempela. Namhlanje bathi, “Yebo, UnguNkulunkulu
womlando. Siyazi Wanqamula oLwandle oluBomvu. Wenza
konke lokhu, futhi Wayesesi_sithandweni somlilo nabantwana
bamaHeberu.” Usizani uNkulunkulu womlando, uma E_uma
Engafani nanamhlanje na?
Umuntu njalo njalo udumisa uNkulunkulu ngalokho
Akwenzayo, ecabanga ngalokho Ayokwenza, futhi angakunaki
Akwenzayo. Lokho nje kukumuntu ukwenza lokho, futhi
kuyinto efanayo namhlanje, bazalwane bami; kuyinto efanayo
impela.
O he! Ake sibuyele emuva futhi sidlalise kahle
ukuvumelana kwamaphimbo nezinsimbi ekuhlabeleleni, lapho
izwe lingabona khona. UJesu wathi, “Uma Ngiphakanyiswa
kulomhlaba, Ngiyakubadonsela kiMi bonke.” Futhi Unguye
izolo, namuhla, naphakade.
Ababhidi mabangene eMoyeni oyiwo kanye nosiyazi
bezomculo futhi kanye noMqambi, konke kuzobakahle.
Khona-ke
si_akukho-mqagelo
mayelana
nawo,
sibandakanywa kanye naYe-ke. AmaHeberu 13:8 athi, “Unguye
izolo, namuhla, naphakade.”
Sibandakanywa kanye naYe eZenzweni 2. Sibandakanywa
kanye nabo, ngombhaphathizo ofanayo, into efanayo. Konke
Ayeyikho ngaleyonkathi, nakho konke Ayikho, konke
Ayeyikho, nakho konke Ayikho, siyikho. Kunjalo impela.
Njenga nje, uma ngifuna ukuba ngumMelika weqiniso,
ngifanele ngibandakanywe nakho konke eyayiyikho, konke
eyikho. Ngifanele ngibandakanywe kanye nayo, uma
ngingumMelika weqiniso. Uma ngingumMelika weqiniso,
khona-ke ngehlela ePlymouth Rock. Ameni! Ngakwenza, uma
ngingumMelika. Wenzenjalo nawe; wehlela ePlymouth Rock
nobaba abayizihambi. EPlymouth Rock, ngenkathi bephuma
behlela lapho, ngangikanye nabo; wawunjalo nawe, wonke
umuntu.
Ngagibela noPaul Revere khona ezansi nomgwaqo
ukwexwayisa ngengozi. Kunjalo impela. Khona ezansi lapha
eValley Forge, nganqamula iDelaware eno ayisi nesigejane
samasosha
angxenye
yawo
yayingagqoke-zicathulo.
Ngakhuleka ubusuku bonke noGeorge Washington phambili.
Nganqamula iDelaware nginombono enhliziyweni yami.
SingamamMelika. Yebo, mnumzane! EValley Forge, impela
ngakwenza.
Ngabonga kanye nobaba bokuBonga bakuqala; ngabonga
kuNkulunkulu.
Uma
ngingumMelika
wangempela,
UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU
27
ngabandakanywa lapho kulelotafula. Uma ngingumMelika
wangempela, ngabandakanywa ngenkathi ngimi noStonewall
Jackson. Uma ngingumMelika wangempela, ngabandakanywa
eBoston Tea Party (yebo, mnumzane!) ngenkathi senqaba
ukuba siluthwe. Ngenkathi_ngangingumMelika wangempela,
ngabandakanywa lapho kanye nalokho. Yebo, mnumzane!
O, he!
Ngashaya iNsimbi yeNkululeko ngolokuqala luka Julayi 4
ngo 1776. Ngashaya iNsimbi yeNkululeko lapha futhi
ngamemezela ukuthi sesiyazibusa. Ukuze ngibe ngumMelika
wangempela ngangifanele ngikwenze. Ngabandakanywa kanye
nehlazo layo kuMbhedukazwe, ngenkathi umfowabo elwa
no^Ngafanele ngilithwale ihlazo layo ngokufanayo njengoba
nje ngifanele ngithwale udumo lwayo. Uma ngingumMelika,
ngifanele. Ngabandakanywa kanye nayo. Yebo, mnumzane!
Ngabandakanywa eGettysburg ezansi lapho, ngenkathi
uLincoln
enza
inkulumo
yakhe.
Yebo,
mnumzane!
NgangiseWake Island, phezu kwalowomzimba wesosha
owawunegazi. Ngavuka eWake Island. EGuam, ngasiza
ukuphakamisa lelofulege. NgingumMelika wangempela.
Ameni! Konke eyikho, ngiyikho, futhi ngiyaziqhenya ngakho.
Yebo, impela! Konke iMelika ebiyikho, konke eyikho,
ngiseyilokho ukuba ngibe ngumMelika. Konke eyayiyikho,
ngifanele ngibe yikho, ngoba ngibandakanywa kanye nayo.
Into efanayo ngokuba ngumKristu weqiniso. Ufanele
ubandakanywe kanye nakho. Ngashumayela noMose nempi^
noma noNowa futhi ngexwayisa abantu ngokwehlulelwa
okuzayo, ngokuba ngumKristu weqiniso. NganginoMose
esihlahleni esivuthayo; ngabona iNsika yoMlilo; ngabona
inkazimulo yaKhe. NganginoMose phezulu lapho ehlane.
Ukuba ngumKristu, ngifanele ngibandakanywe nezinto zonke
uNkulunkulu ayeyizo, ukuba ngumKristu. Ngiyibonile
inkazimulo yaKhe; ngalizwa iphimbo laKhe. Ungazami
ukukuchaza ukudedise kimi manje, ngoba ngangilapho.
Ngiyazi ukuthi ngikhuluma ngani. Ngibonile ukuthi
kwenzekeni. Yebo, mnumzane!
NgangisoLwandle oluBomvu ngenkathi ngibone uMoya
kaNkulunkulu wehlela phansi futhi wehlukanisa amanzi esuka
ngakwelinye icala, hhayi ngokudabula esixhekeni somhlanga,
abazama ukukusho namhlanje, kodwa ngokudabula cishe
olwandle olungamafidi angamashumi ayisishiyagalolunye.
Ngiwubonile uMoya kaNkulunkulu. Ngahamba noMose
sidabula
kulowomhlabathi
owomileyo,
ngaphesheya
kwaloloLwandle oluBomvu. Ngama ngaseNtabeni iSinayi
futhi ngawubona umdumo nombani uwa. Ngidla imana nabo
phandle lapho. Ngaphuza kuleloDwala; ngisakwenza
nakulobubusuku. Ngabandakanywa kanye nabadli-mana.
Ngabandakanywa kanye nabo abaphuza edwaleni.
28
IZWI ELIKHULUNYIWE
Futhi ngabandakanywa ngenkathi uJoshuwa ebetha
icilongo
nezindonga
zaseJerikho
zawela
phansi.
Ngangisemphandwini
wezingonyama
noDaniyeli.
Ngangisesithandweni somlilo nabantwana bamaHeberu.
Nganginentaba_noElija eNtabeni iKameli.
NganginoJohane umBhaphathizi naphambi kwalabobasoli.
Ngawubona uMoya kaNkulunkulu wehla; ngalizwa iphimbo
likaNkulunkulu lithi, “Lo uyiNdodana yaMi ethandekayo
eNgithokozile ukuhlala kuyo.” Yebo, mnumzane! impela
ngabandakanywa kanye naye. Kunjalo impela.
Ngabandakanywa lapho ethuneni likaLazaru ngenkathi
Evusa uLazaru. Ngabandakanywa kanye nowesifazane
emthonjeni ngenkathi Emtshela izono zakhe. Yebo, mnumzane!
Impela ngabandakanywa kanye naYe ekufeni kwaKhe. Futhi
ngabandakanywa ngePhasika lokuqala; ngavuka kanye naYe
ekufeni. Ngizibandakanya kanye naYe ekufeni kwaKhe.
Ngangine 120 eKamelweni eliPhezulu. Ngabandakanywa
phezulu lapho kanye nabo. O, ngi_ngizizwa nginokholo.
O, he! Ngabandakanywa lapho. Ngingomunye wabo.
Ngabandakanywa; ngithole ulwazi olufanayo ababenalo.
Ngangilapho ngenkathi kwenzeka, ukuba ngumKristu
weqiniso.
Ngakufakazela ukuvunguza komoya onamandla kufika.
Ngakufakazela lokho. Ngawezwa amandla kaNkulunkulu
lapho ezamazama. Nganginabo abakhuluma ngezilimi.
Ngaluzwa ugcobo lungena lapho. Ngangikanye nabo.
Ngabandakanywa kanye nabo ngenkathi uMoya oNgcwele
uqala ukukhuluma ngezilimi nabo. Ngangikanye noPetru
ngaphambi kwabasoli eZenzweni 2, ngenkathi eshumayela
intshumayelo enkulu a^Ngabandakanywa naye. Yebo,
mnumzane!
EZenzweni
4,
ngenkathi
bebuthana
ndawonye,
ngangikanye nabo ngenkathi indlu izamazama. Emva
komhlangano womkhuleko, indlu yazamazama lapho
ababehlezi khona; ngabandakanywa lapho kanye nabo.
Ngashumayela noPawulu eAreyophagu. Yebo, mnumzane!
NganginoJohane esiQhingini sasePhatmose futhi ngakubona
ukufika kwaKhe kwesibili. NganginoLuther eNguqukweni.
NganginoWesley, lesosikhuni esephulwa emililweni, ngenkathi
yokuvukela iSheshi okukhulu; ngangilapho kanye naye.
Futhi ngilapha kulobubusuku ngo 1964, eFiladelfiya,
ePennsylvania, ngizibandakanye kanye nohlobo leqembu
elifanayo, nohlobo olufanayo lolwazi. Ngifanele ngibe njalo
ukuba ngumKristu. Ngifanele ngihlale ngibandakanywe lapho
iZwi likaNkulunkulu libonakaliswa khona.
Ngizibandakanya
kanye
neqembu
elizwa
uMoya
kaNkulunkulu. Ngibandakanywa kanye neqembu elaziyo
UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU
29
ukuthi Wembuliwe, elaziyo ukuthi Unguye izolo, namuhla,
naphakade, nelaziyo ukuthi lena akusiyo intshisekelo eyeqile;
nguJesu Kristu onguye izolo, namuhla, naphakade.
Ngizibandakanya kanye naleloqembu lapha kulobubusuku,
nokho babizwa ngesigejane sabakholwa okuphambene
nokukholwa okuyikho, nokho isigejane sentshisekelo eyeqile
ngenxa yeZwi likaNkulunkulu. Kodwa anginamahloni
ngeVangeli
likaJesu
Kristu,
ngokuba
lingamandla
kaNkulunkulu kube yinsindiso kulabo.
Ngikanye nabo, izincwadi eziphilayo engikhulume ngazo,
abaqinisekisiweyo, uNkulunkulu embozwe esimweni somuntu
kowesilisa nabesifazane. O, uNKulunkulu kwi en morphe
yaKhe futhi Ezembulile futhi Wazazisa kubantu baKhe, iNkosi
enkulu eyabeka eceleni inkazimulo yaYo. “Kuseyisikhashana
nezwe ngeke liphinde lingiNgibone. Ngiyokwembozwa kubo,
kodwa nina niyoNgibona; ngokuba Ngiyakuba nani, ngibe kini
yonke indlela kuze kube sekupheleliseni. Eguquka esuka
kuLuther kuya kuWesley, kuye kuqhubeke njalo njalo,
ukusuka
enkazimulweni
kuya
enkazimulweni,
NgisenguNkulunkulu ofanayo o_ozobuyela enkazimulweni
yakuqala.” Haleluya!
Wephule
onke
amaveli
ehlelo,
yonke
imisindo
evimbezelayo. Lowomsindo othi, “O, lokho yintshisekelo
eyeqile,” Wagqobhoza ngqo kulokho.
Umsindo ovela lapho futhi wathi, “O, labobantu
bayahlanya,” Wagqobhoza ngqo kuleloveli. Yebo, Wakwenza!
“O, ningeke nakwenza. Anilutho kuphela isigejane
sezintshisekelo ezeqile!” Wagqobhoza ngqo kulokho.
“Ayikho into okuthiwa ukuphulukisa kwaphezulu.”
Wakugqobhoza ngqo lokho (o, he!), ngokuba iZwi laKhe lathi
Uyokwenza. Ungeke ulinqobe iZwi likaNkulunkulu.
Futhi nango Emile, nokho kulobubusuku, uMnqobi
onamandla, selokhu ephula yonke iMethodisti, iBaptisti,
iPresbyterian, zonke ezinye izinhlobo zeveli. Usalokhu emi
phakathi kwabantu baKhe kulobubusuku, enganqotshiwe
ngamasiko. Abantu abasho abakufunayo, benze abafuna
ukukwenza, noma yini abayifunayo; uNkulunkulu ufika
egqobhoza ngqo lowomsindo ovimbezelayo.
Futhi khumbulani, bangitshela ukuthi nxa indiza yephula
lowomsindo ovimbezelayo akukho-mkhawuko ejubaneni layo.
Futhi ngiyanitshela, nxa wephula lesosivimbezelo samasiko,
ukuthi “UJesu wayekhona emuva le futhi Akekho manje,” nxa
uthola ukuthi Unguye izolo, namuhla, naphakade, akukhomkhawuko kulokho uNkulunkulu angakwenza khona la
kulengqungquthela, futhi akhombise kulelizwe ukuthi
badingani; hhayi ezoBulungiswa boMhlaba, kodwa imvuselelo
30
IZWI ELIKHULUNYIWE
yezwe eliyogcwaliswa futhi libhaphathizwe
bukaNkulunkulu
oPhilayo:
en
morphe
ngaphakathi enyameni yomuntu. Haleluya!
ngoBukhona
Ezimbozele
Ngikholwa ukuthi kwephule zonke izivimbezelo, onke
amaveli. Onke amaveli, akukho okungafihla uBukhona baKhe.
Nxa abantu elamba enhliziyweni yabo, kukhona iveli
eselilungele ukwephulwa; ungavele nje wethembele kulokho.
Dabula onke amaveli ngoMoya oNgcwele waKhe omkhulu.
Futhi lapha Umile kulobubusuku, uMnqobi onamandla;
onguye izolo, namuhla, naphakade; ephulukisa abagulayo;
ebhaphathiza abakholwayo, njengoba nje Wayehlala ekwenza.
UnguMnqobi onamandla. Amademoni alahliweyo ayabaleka.
Yebo, mnumzane! Ahlala njalo ebaleka nxa Yena ekhona.
Sengivala, ngingasho lokhu. Kwakukhona i^Ngafunda
indaba eminyakeni eminingi eyedlula ngomshayi-vayolini
omdala. Futhi wayenevayolini endala, futhi wayezoyithengisa.
(Niyifundile indaba izikhathi eziningi.) Futhi babefuna
ukuyithengisela into ethize. Nomdayisi wasendalini wathi,
“Ubani ozonginika ok’thize nok’thize na?” Futhi ngiyakholwa
wethenjiswa izinhlamvu zemali ezimbalwa, mhlawumbe
amashumi amahlanu amasente noma okuthize. “Yenyuka
kanye, yenyuka kabili^”
Emva kwesikhashana, indoda yasukuma ngemuva; yathi,
“Umzuzu nje.” Yenyuka yayithatha. Ake sicabange ukuthi
yadlala leli:
Kukhona umthombo ogcwaliswe yigazi
Elimuncwe emithanjeni ka Imanuweli;
Nxa izoni, zibhukuda ngaphansi kwalelothantala,
Kusuka onke amabala azo ecala:
Kwase-ke, ngenkathi eseyibeka phansi, kwakungekho-so
elalingenazo izinyembezi endaweni. Wayesethi-ke, “Ubani
ozothembisa^”
Omunye wathi, “Izinkulungwane ezinhlanu.”
“Izinkulungwane ezilishumi.”
Yayingenanani. Ngani na? I_inkosi endala yevayolini yase
isembulile isimo sayo sempela. O, mfowethu, dadewethu,
manje, makuthi iNkosi yaleliZwi eyaLilobayo, uMoya
oNgcwele omkhulu, ashaye ngento yaKhe yokukhalisa
ivayolini ngothando bese eyidonsa inqume kabili enhliziyweni
yakho.
Kukhona umthombo ogcwaliswe yigazi
Elimuncwe emithanjeni ka Imanuweli^
Uzobubona
ubuntengo
obugcwele
bese
ubona
uNkulunkulu owembuliweyo efika abe sobala impela, ukuthi
UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU
31
Uyafana nje njengoba Wayenjalo ngenkathi ehla ngosuku
lwePentekoste phezu kwabantu, ngenkathi Yena ukenos qobo
lwaKhe, ezithululela kubo ngqo. Kunjalo.
Wena uthi, “Mfowethu Branham, ngizamile. Ngizamile.
Ngenze lokhu, lokho, noma okunye.”
Ngeliny’ilanga, nganginomhlangano eCarlsbad, eNew
Mexico; futhi sengehla sangena kulomphandu omkhulu omdala
wamalulwane phansi lapho; futhi kwakuthi akubukeke
njengesipoki. Futhi sehlela lapho; futhi i_indoda, ngenkathi
yehlela lapho kulendawo, ya_yanqamula ukukhanya. Futhi o
he, ungazibonela ukuthi kwakumnyama kanjani! Nje ku_
kumnyama ngangokuthi ungaze ukuphathe. Futhi nje izikhathi
sezithi azibe ngaleyondlela. Nxa sibona ibandla elehlulekayo
ukuqonda iZwi likaNkulunkulu; nxa ubona ukuthi
amadodakazi akithi aseZayoni enza ngendlela enza ngayo; nxa
ubona abafowethu obhemayo, futhi aphuze, futhi_futhi
akhulume amahlaya angcolile, nezinto, bebe besalokhu bezama
ukubamba ukuvuma kwabo kuKristu (o, he!); kumnyama;
kumnyama bhuqe.
Sibona isibonakaliso sokuza kwaKhe. Kuyobakhona^
Kuhlala njalo kuba-mnyama kakhulu ngaphambi nje kwemini.
Bese-ke iNkanyezi yoKusa iyaphuma ukubingelela imini,
nokuyandulela futhi ikhombise ukuthi iyeza.
Qaphelani! Phakathi lapho, ngenkathi becisha lokho,
kwakukhona intombazanyana eyakhala yadazuluka. Futhi
kwakukhona umfanyana owayemi ngakumkhaphi. Futhi
wambona lowomkhaphi ngenkathi ecisha ukukhanya, kanjalo.
Nalowodade
omncane
wayesezoba
nokuquleka
nje.
Wayedazuluka
egxuma
phansi-na-phezulu,
“O,
yini
ezokwenzeka elandelayo na? Yin’indaba na? Yin’indaba na?”
Niyazi ukuthi wayedazulukelani na? Wathi, “Ungesabi,
Dade omncane. Ukhona umuntu lapha ongakhanyisa.”
Lalela, Dade omncane, ungahle ucabange ukuthi sibancane
futhi sisedlanzaneni, kodwa ungesabi. Ukhona uMuntu lapha
ongakhanyisa; lowo nguMoya oNgcwele. Niyakukholwa na?
Asikhothamise amakhanda ethu okomzuzwana nje.
Ngiyaxolisa ukunibambezela. O, Nkulunkulu omkhulu
waseZulwini, Uzembula, Uzisombulula, Uzazisa Nkosi enkulu
yeNkazimulo, thatha lokhu ukuchaza ngemifanekiso okuncane
kulobubusuku futhi ukwenze kwehlele phansi ezinhliziyweni
zabantu. Futhi sengathi singabona Lowo ombuliweyo, Lowo
owehlayo wadabula iveli lethempeli, wase-ke, ephuma ngqo
kuleloveli, wehla wangena ngqo emavelini abantu futhi
ngosuku lwePentekoste, selokhu kufane njalo, kuguquka
kusuka enkazimulweni kuya enkazimulweni.
Futhi manje, sibuyela emuva ngqo njengoba yonke imvelo
yenza, emuva ngqo embewini yokuqala, khona impela
32
IZWI ELIKHULUNYIWE
kusukela onyakeni webandla owodwa kuya komunye.
Nakulonyaka wokugcina lapha, lapha sesibuyele emuva ngqo
entweni yokuqala eyehla ngosuku lwePentekoste ukugcwalisa
wonke umBhalo, ukuKhanya ngesikhathi sokuhlwa, ne,
“Misebenzi eNgiyenzayo mina nani niyoba njalo,” nezinto
eziningi kakhulu Owazethembisa eZwini laKho.
Baba, uma ebakhona oyedwa lapha ongakaze agqobhoze
leloveli namanje, noma uma ebakhona oyedwa lapha olingise
omunye owedlule evelini, yipha umusa kulobubusuku, Baba.
Sengathi bangambona lowoMnqobi onamandla emi lapha,
egcwele umusa namandla ukuba athethelele. Siphe khona,
Baba.
Futhi amakhanda ethu esakhotheme, bangabakhona abanye
lapha^? Bangaki (ake ngisho lokho) ongathi, “Mfowethu
Branham, ngiphakamisa isandla sami. Ngikhulekele na?” Yiba
nje ulokhu ukhothamise ikhanda lakho uphakamise isandla
sakho. “Ngifuna ukugqobhoza onke amaveli ngize ngimbone
ngempela uMnqobi.” UNkulunkulu anibusise. Wo_ezandleni!
Phezulu kovulande abaphezulu kuya ngakwesokudla.
UNkulunkulu anibusise. Ovulande abangaphezulu kuya
ngemuva. UNkulunkulu anibusise. Yibani qotho ngempela.
Ngakwesokunxele, phakamisa isandla sakho, uthi, “Mfowethu
Branham, ngahle ukuba sengibe ngumKristu iminyaka, kodwa
ngempela, angikaze ngiphume kuleloveli. Impela angikaze
ngikwenze. Anginakho lokho, ababenakho ngaleyonkathi.”
Namhlanje sinakho, “Ngiyisithombo esitshalwe embhedeni
okhulisa masinyane.” Thatha imbali ekhuliswe embhedeni
okhulisa masinyane, ufanele uyiphathise okwengane,
uyitotose, uyifuthe, uyinisele; kodwa lesosithombo sokuqala
esimila phandle laphaya ogwadule, uhlobo olufanayo
lwembali, ebukeka njengayo; ayitholi namancu amanzi, kodwa
akukho-zinambuzane kuyo. Imahlikihliki. Ingeyangempela^
Ubungabuqhathanisa
ubuKristu
kanye,
ubuKristu
namhlanje, nalokho obabuyikho ngaleyonkathi na? Ungathini
nje leliqembu, esilibiza ngamaKristu namhlanje emhlabeni
wonke,
benjengalabo
bangasemva
kwePentekoste,
bephathiswa okwezingane, futhi bembambathwa, futhi basuke
kwelinye ibandla baye kwelinye, futhi basho into ongayithandi
futhi basukume baphumele phandle na? Futhi o, ungathini
ngalokho na? Qhabo! Yin’indaba na? Ngumfanekiso.
UMichelangelo,
owadala
isithombe
sikaMose^
Ungawuthola umfanekiso waleso oshibhe kabi, kodwa
esokuqala^Lo owadweba iSidlo sakusihlwa seNkosi^
Ngiqagele lesosithombe sokuqala besingagijima ezigidini
zamadola, ukuba ngisho ubungaze usithenge. Angazi ngisho
nokuthi sikuphi. Kodwa ungathenga umfanekiso oshibhile
waso cishe nge $1.98. Ungawuthenga.
UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU
33
Futhi kungaleyondlela namhlanje. UmKristu oshibhile,
umfanekiso, umjoyini-bandla nje, ungabathenga baphume
ngosikilidi, noma i_noma isiphuzo esejwayelekile. Noma
ngowesifazane onezinwele ezigundiwe, izindebe ezipendiwe,
ungamthenga nganoma yini ezimfashinini zezwe, kodwa
ungeke umthinte lowo ongowoqobo.
NgiMbona esobala ngokugcwele, onguye izolo, namuhla,
naphakade. O, mKristu, awufuni yini ukuba ngumKristu
wangempela na? Uma bekhona eningaziphakamisanga izandla
zenu, ningakwenza sisa^Sengizokhuleka nje. UNkulunkulu
akubusise. UNkulunkulu akubusise. O, lokho nje kuhle. Nje
bukani i^
Baba wethu waseZulwini, iZwi laKho aliyikubuyela-ze
kuWe. Waba nguwe Owenza isethembiso. Mina ngibophezeleke
kuphela ekutheni Wakusho. Nje ngiphinda amazwi aKho.
Wathi, “Ozwa iZwi laMi akholwe NgoNgithumileyo
unokuPhila okuPhakade.” Wakwethembisa. Futhi, Nkosi,
siyazi sinayo yona imifanekiso namhlanje, abaningi abathi
bayakholwa lapho bengakholwa; kuyakhombisa. Kodwa,
Nkosi, kukhona abanye abangaboqobo futhi.
Ngikhulekela ukuthi Uzovele uphe phakathi lapha
kulobubusuku ukuthi wonke owesilisa nowesifazane, umfana
noma intombazane, akunandaba ukuthi basizwe sini, bambala
muni, babandla lini^O, Nkulunkulu, bagcwalise. Sengathi
bangabona ukubonakaliswa kwangempela kwalowoJesu
ofanayo namhlanje khona phakathi kwethu, njengoba
Wayenjalo ngosuku lwePentekoste ngenkathi Ezembulela
lonyaka, enguMoya oNgcwele. Siphe khona.
Sibona
iZwi
ligcwalisiwe,
iziprofetho
zifezeka,
siyaqhathanisa namhlanje lokho okubizwa ngebandla
lezwe_noma uMkhandlu wamaBandla oMhlaba, futhi
siqhathanise lokho nesethembiso ngePentekoste; akukhokuqhathaniseka nhlobo. Singeke sawashela izingubo zethu
ezingcolile ngalelothikithi.
Kodwa,
Nkosi
Nkulunkulu,
uma
sizobuyela
kulowoMthombo, kukhona ukuqhubeka okuhlanzayo. Khonake ulwazi lwethu neZwi likaNkulunkulu kuyofanelana; khonake singalibiza ifa lethu. Siphe khona, Nkosi, kulobubusuku,
njengoba nginikela lababantu ezandleni zaKho. Yipha lowo
nalowo lokho esikudingayo, Baba. Sicela eGameni likaJesu.
Ameni.
UNkulunkulu anibusise. Ngiyabonga kakhulu ngokuma,
nilinde isikhathi eside, futhi ngiyaxolisa nginibambe kwaze
kwaba yimizuzu elishumi emva kweleshumi. UNkulunkulu abe
nani ngize nginibone ekuseni. Ngibuyisela inkonzo manje ku,
ngiyethemba, kumphathi wohlelo.
`
34
IZWI ELIKHULUNYIWE
UNkulunkulu Onamandla Wembulwe Phambi Kwethu, Vol. 6 No. 8
(The Mighty God Unveiled Before Us, Vol. 3 No. 22)
LoMlayezo ngo Mfowethu William Marrion Branham, okokuqala wethulwa
ngesiNgisi uMsombuluko kusihlwa, ngo Juni 29, ngo 1964, eBellevueStratford Hotel, ePhiladelphia, ePennsylvania, U.S.A., wathathelwa
kwisiqophamazwi sikazibuthe futhi washicilelwa ngesiNgisi ungafinqiwe.
Lokhu ukuhunyushwa ngesiZulu kwakhishwa ngo 1995 ngabe:
VOICE OF GOD RECORDINGS
P.O. Box 950, Jeffersonville, Indiana 47131 U.S.A.
J ust O ne M ore T ime , L ord 1
Copyright notice
All rights reserved. This book may be printed on a home printer for
personal use or to be given out, free of charge, as a tool to spread
the Gospel of Jesus Christ. This book cannot be sold, reproduced on
a large scale, posted on any website other than www.branham.org,
stored in a retrieval system, translated into other languages, or used
for soliciting funds without the express written permission of Voice
Of God Recordings®.
For more information or for other available material, please contact:
Voice Of God Recordings
P.O. Box 950, Jeffersonville, Indiana 47131 U.S.A.
www.branham.org

Documents pareils